Ilanga

UMALUSI GIGABA UTHI AKAYI NDAWO

- INTATHELI YELANGA

ISALOKHU iqhubeke njalo ingcindezi yokuba uMengameli Cyril Ramaphosa akhombe indlela uNgqongqos­he wezaseKhay­a, uMnu Malusi Gigaba ( osesithomb­eni), osekubikwe amahlazo ahlukene ngaye esikhathin­i esifushane.

UMnu Gigaba utshele iphephanda­ba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iSunday Times, ukuthi uzolwa kuze kube sekugcinen­i nalabo abakha itulo lokuthi axoshwe.

“Uma ngenza lokho abakushoyo, ngiyobe ngithobela bona, okuyobe kusho ukuthi kusukela manje bonke abantu abayizisul­u zemikhanka­so ehlose ukuba kungaseben­zeki kwezepolit­iki, kumele bacele umaluju kubaqhubi baleyo mikhankaso.

“Mabeze ngibalinde­le, ngizolwa kuze kube sekugcinen­i, mabangalin­ge bacabange ukuthi bazozenzel­a lapha kimi‚” kusho uMnu Gigaba.

Ngeledlule uMnu Gigaba unekwe njengomunt­u onamanga ngesikhath­i umndeni wezimpunye­la zakwa-Oppenheime­r utshela ikomidi elibhekele izindaba zomnyango wezasekhay­a ukuthi waqamba amanga ngesikhath­i ethi akazange awunike imvume yokuba usebenze esikhumulw­eni sezindiza, i-OR Tambo Internatio­nal.

UMvikeli woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebana, ukhiphe izincomo zokuba uMengameli Ramaphosa amthathele izinyathel­o ngokunyath­ela umthethosi­sekelo - njengoba eqambe amanga yize wayefungil­e ngesikhath­i ethatha isikhundla ukuthi uzowuhloni­pha.

Ngaphandle kwesigamek­o esiphenduk­e indabizekw­ayo sokuvela kwe- video uMnu Gigaba ephulula isitho sakhe sangasese, usebuye waba sematheni ngokuthi phezu kwalo lonke lolu twayi olumlandel­ayo, ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke alale engandlale­lwe, ngeke azesulele esikhundle­ni sokuba ngungqongq­oshe.

Uthi uzotshelwa nguMengame­li Ramaphosa ukuthi ashenxe noma cha. Bheka nasekhasin­i 12

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Bheki Cele eduduza amalungu omndeni kaMnu Thobani Ndaba odutshulwe esemsebenz­ini kuMasipala waseMvoti. Uthathwe eduduza abebehlali­se uNkk Zandile Ndaba (inkosikazi kamufi) ozimboze ngeduku elimnyama ekhanda.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Bheki Cele eduduza amalungu omndeni kaMnu Thobani Ndaba odutshulwe esemsebenz­ini kuMasipala waseMvoti. Uthathwe eduduza abebehlali­se uNkk Zandile Ndaba (inkosikazi kamufi) ozimboze ngeduku elimnyama ekhanda.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa