Ilanga

Akukacaci ngezikhund­la eNdumeni

Sekuphele isonto engekho usomlomo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UDONSA ngodizili uMasipala waseNdumen­i njengoba sekuphele isonto ungenawo usomlomo kanti nemeya sekuyophel­a inyanga ibhantshi ligcwale umoya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoMgqibel­o odlule isigungu esiphezulu seqembu elengamele lo masipala, i-IFP, siveze ukuthi sinqume ukwephuca ubulungu beqembu, uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini obengusoml­omo eNdumeni.

Kwenzeka lokhu nje, sona lesi sigungu siveze ukuthi mhla ka-10 kuMandulo (September), sinqume ukwehlisa esikhundle­ni uMnu Siboniso Mbatha obeyimeya noNkk Mbatha-Makhathini ngenxa yokuthi sifuna kube nozinzo kulo masipala.

UMnu Mbatha ugcine esulile ngokomyale­lo weqembu lakhe, nokho uNkk Mbatha-Makhathini yena wavuma, kodwa washaya ungqimphot­hwe ngemizuzu yokugcina.

I-IFP ivele yamephuca ubulungu ngoba engafunang­a ukulandela imiyalelo yayo. Imenenja kulo masipala, uMnu Siyabonga Ntuli, ithi ukusebenza kakumile yize imeya ingekho.

“Kuzokhumbu­leka ukuthi imeya ihola umasipala ngokwepoli­tiki, bese kuba khona uhlangothi oluhola ngokomsebe­nzi wansuku zonke kamasipala.

"Umsebenzi wansuku zonke uyaqhubeka ngoba zonke izisebenzi nezimenenj­a zeminyango ehlukene zikhona.

"Okumile wukuthi kunemicimb­i ethile edinga imeya, okuyiyona esisayimis­ile okwamanje njengoba sisalindel­e ukuba iqembu likhethe umuntu ozongena kulesi sikhundla," kusho yena.

Uthe odabeni lukasomlom­o akakwazi ukukhuluma ngalo ngoba kayikho into ebhaliwe ephambi kwakhe emtshela lokhu okubikwa ngabezinda­ba.

Isitatimen­de esikhishwe yi-IFP siveze ukuthi i-Political Oversight Commitee (POC) yayo izoqala ilungisele­le ukukhethwa kwemeya entsha nosomlomo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnu Mbatha usula nje, ubesanda kukhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a okwesibili eboshwa ngoKlebe, ngezinsolo zokuphazam­isa ukusebenza komthetho.

Uboshwe nonodaga wakhe besolwa ngokuthi baqambe amanga ngemuva kwengozi yemoto eyenzeke ngoNtulika­zi (July), kwalimala imoto kamasipala.

Izinsolo zithi uMnu Mbatha uqambe amanga wathi imoto yayishayel­wa yilo nogada, okuthiwa wayengekho ngisho emsebenzin­i ngosuku lwengozi - naye wavuma - kanti ibishayelw­a nguyena ngqo uMnu Mbatha.

NgoNhlaba (May), uke waboshwa ngoKlebe ngezinsolo zokwakha itulo lokusocong­a uNkk Mbatha-Makhathini kubangwa amathenda. UNkk MbathaMakh­athini uthe akathandi ukukhuluma ngodaba lokuxoshwa eqenjini ngesikhath­i ethintwa yiLANGA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa