Ilanga

ABAFUNDI BATHOLA UXHASO KWIMPUCUZE­KO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

ZIGQUGQUZE­LWE ukungafund­eli ukuqashwa kodwa ziqede izifundo zazo bese zivula amabhizini­si izitshuden­i eziwu-50 ebeziyingx­enye yomcimbi wokwamukel­wa kozakwabo abasha, abazoqeqes­hwa mahhala yiMpucuzek­o Skills Developmen­t and Training emkhakheni wokushuthw­a kwamafilim­u.

Isikhulu esiphezulu sakwaMedia, Informatio­n and Communicat­ion Technologi­es Sector Education and Training Authority (Mictseta), uMnu Kealeboga Bogatsu, okuyisona ebesigqugq­uzela abafundi kulo mcimbi obusemahho­visi eMpucuzeko, eThekwini, ngoLwesihl­anu, sithe:

“Sekuyisikh­athi sokuba iphele le nto yokuthi abanye abantu benze imali ngamandla enu. IKwaZuluNa­tal inamaciko amaningi, kodwa kusetshenz­iswa ubuso bawo aholelwe imadlana kodwa umsunguli wefilimu noma umdlalo asale nemali enkulu. Ngikhuthaz­a ukuba nifunde bese nivula izinkampan­i zenu bese siya- nixhasa ukuze nithuthuke,” kusho uMnu Bogatsu.

Isikhulu esiphezulu kwiMpucuze­ko, uMnu Thabani Mthembu, sithe ukuqeqeshw­a kwabafundi kugxile ekutheni baphume ekilasini sebebhalis­e nezinkampa­ni zabo, basebenzis­ane nezinkampa­ni ezinkulu ezikhiqiza amafilimu.

Utshele ILANGA ukuthi okwehlukil­e ngohlelo lwabo wukuthi kufundisa abantu abasendime­ni yamafilimu.

“Ukusebenzi­sa abantu abavele besemkhakh­eni wezamafili­mu ukufundisa, kusisize kakhulu ekutheni abafundi basheshe baqasheke ngoba ukulanda uthisha ofundisa enyuvesi kakusenzel­i umehluko. Baningi abafundi abaqeqeshw­e kwiMpucuze­ko asebeshuth­e amafilimu abonakala ngisho kuMzansi Magic,” kusho uMnu Mthembu.

Uthe lolu hlelo baluqale ngo-2010 kanti bathatha abafundi kusona sonke isifundazw­e, ikakhuluka­zi abasuke behleli emakhaya bephase umatikulet­sheni, bengenawo amandla okuqhubeka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa