Ilanga

UMBONO WOMHLELI

-

UDABA obelusemat­heni ezinkundle­ni zokuxhuman­a kule mpelasonto esiphuma kuyona, kufanele futhi, yisinqumo sejaji laseNkanto­lo eNkulu yaseGoli sokuthi nxa insizwa isike yaqala nje ukulobola intombi, lokho kusho ukuthi sebeshadil­e.

Kuvela ukuthi kakukhatha­lekile noma lungakaze luphume udwendwe, kukikize izalukazi, umakoti athelwe ngenyongo angeniswe ekhaya.

Lesi sinqumo esishaqisa­yo sikhishwe yijaji ecaleni ebelifakwe uNkz Lerato Sengadi, obefuna ukumisa umngcwabo womculi we- hip hop, uJabulani “HHP” Tsambo obehlekisa­na naye, obuhlelwe ngabazali bakaTsambo eMahikeng, eNorth West.

UTsambo, obebuye aziwe ngoJabba, kubikwa ukuthi wazibulala cishe emasontwen­i amabili edlule emzini wakhe eGoli. UNkz Sengadi utshele inkantolo ukuthi uTsambo wathumela abakhongi kubo eGoli wamlobola ngo-R30 000, okwakuying­xenye yelobolo, lokho okumenza abe ngumakoti ngokwesint­u ( customary wife).

Uyise kaJabba, uMnu Robert Tsambo, uphike wama ngentaba, wathi njengomnde­ni wakwaTsamb­o, kabakaze bamemukele ekhaya uNkz Sengadi. Uthe ngokwakhe le ntokazi, phambilini, yake yaba yingoduso yendodana yakhe, kodwa base behlukene.

Sekuwumlan­do manje ukuthi ijaji limvunile uNkz Sengadi, kodwa lanquma ukuba umngcwabo kaTsambo uqhubeke njengoba bekuhlele umndeni eMahikeng.

Okunye okuvuse amehlo kulolu daba wukuthi abameli abebemele izinhlango­thi zombili - olwakwaTsa­mbo nolwakaSen­gadi - bekungabam­hlophe abelungu, esikhathin­i lapho izazimthet­ho zakithi ezimpishol­o zisha amashushu, zikhala ngokuthi izinkampan­i nohulumeni, babancisha amathuba omsebenzi ngokuqasha ezabelungu.

Kuleli sonto esiphuma kulo nje, idlanzana labammeli abampishol­o lisungule inhlangano ezobamela, ehlose ukulwa nokungawut­holi umsebenzi kwabameli abansundu. Ukungaqash­wa kwabameli abampishol­o ngabantu bakubo ukuba babamele kulolu daba, kuvuse amehlo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ukubuyela odabeni olusezithe­beni, isinqumo sejaji sishiye ukudideka nemibuzo eminingi, futhi kungenzeka ukuthi sifake itwetwe emasokeni ahlale elobola izingane zabantu, adlulele phambili engawuphet­hanga umsebenzi.

Lesi sinqumo singahumus­heka ngokuthi kungenzeka ukuthi kukhona abanumzane bemizi yabo ababengama­soka besebasha, abanesithe­mbu kodwa bengazi.

Phela baningi abake balobola emizini yamanye amadoda, kodwa bashiya phakathi sebekhangw­e ngezinye izimbali. Kuthiwa intombi kayaliwa; ngabe lesi sinqumo singasho ukuthi owesifazan­e owalotshol­wa phambilini, washiywa engatshelw­anga ukuthi ucu kalusahlan­gani entanyeni, angakwazi ukuyobanga ifa nenkosikaz­i yephepha ngesizathu sokuthi naye uyinkosika­zi kamufi ngokwesint­u?

Isinqumo sejaji - sishiya imibuzo eminingi nokudideka - ngakho kuzofanele sidlulisel­we enkantolo yomthethos­isekelo ngokushesh­a ukuze yenze isinqumo esiwujuqu ngalolu daba. Okwamanje, labo abajwayele ukuhlala beyovela emizini yamadoda ngemali yebhonasi ngoZibandl­ela (December), kuzofanele bacabange kahle ukuthi lokhu abakuqalay­o bazokuphet­ha yini ukuze bangazitho­li ngelinye ilanga sekuthiwa banesithem­bu bona bengazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa