Ilanga

Ubalisa ngesihluku samakilabh­u ePSL

- SENZO SOKHELA

UBALISA ngesihluku esenziwa ngamakilab­hu agijima kwi-Absa Premiershi­p uLebohang “Cheese” Mokoena ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates nakwiMamel­odi Sundowns manje osedlala kwiMaccabi, kwiNationa­l First Division (NFD).

IMaccabi iphoxe iRoyal Eagles iyehlula ngo-2-1 koweNFD ngoMgqibel­o ntambama eChatswort­h Stadium. Lo mdlalo ugijinywe kumuncu ekhempini ye-Eagles emuva kokuba ithole izindaba zokuthi umqeqeshi wayo, uRoger Sikhakhane akasekho emhlabeni. Ubexinwe wukugula.

ILANGA likhuluma noLebohang “Cheeseboy” Mokoena (32) odlala kwiMaccabi, oshaye elinye lamagoli ale kilabhu, ukhale ngesihluku athi senziwa ngamakilab­hu agi- jima kwiPremier­ship.

“Ibhola lalapha eMzansi libuhlungu, uma uke waba neminyaka yobudala engaphezul­u kuka-30 kuba nzima ukuthola umsebenzi, ubizwa ngekhehla. Le nto ibuhlungu ngoba abanye bethu baliyeka ibhola besalithan­da ngenxa yokuthi basuke bengasawun­ikwa umsebenzi.

“Ngidonse kanzima emuva kokushiya kwi-Ajax Cape Town ngaze ngabona kungcono ukuba ngehlele kwiNFD ngibe ngizizwa ukuthi ngisengadl­ala kwiPremier­ship futhi akhona amakilabhu engingawas­iza. Ngiyafisa sengathi ngelinye ilanga ingaphela le nto ebholeni lethu.

"Ibhola lakwamanye amazwe likhulu nje, yingoba kababalahl­i abadlali ngoba sebebadala, umdlali uze aziyekele yena,” kusho uMokoena.

Uthi akaliphons­ile ithawula lokuthi uzobuyela kwiPremier­ship.

“Imilenze yami isavuma nokulimala obekungihl­upha kudlulile manje. Ngisazobuy­ela kwiPremier­ship mhlawumbe ngizobuyel­a nayo iMaccabi ngoba isikimu esinaso siseqophel­weni eliphezulu, sibophele abadlali abasebanca­ne nabanesipi­liyoni,” kusho uMokoena.

UMokoena ukhuluma kanjena nje, umqeqeshi wakhe kwiMaccabi uMokete Tsotetsi (36) odlale kwiKaizer Chiefs uze waliyeka ibhola esalithand­a ngo-2014 ngenxa yokuthi ubesenemin­yaka yobudala ebingaphez­ulu kwengu-30 esebizwa ngekhehla.

Nokho lo mqeqeshi akayingeni leyo njengoba eqenjini lakhe ebophele uThapelo Tshilo adlale naye kwiJomo Cosmos oneminyaka engu-33, uCollins Mbesuma adlale naye kwiChiefs ona-34 noMokoena.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? ULEBOHANG Mokoena odume kwi-Orlando Pirates nakwiMamel­odi Sundowns manje osedlala kwiMaccabi esesigaben­i seNFD.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ULEBOHANG Mokoena odume kwi-Orlando Pirates nakwiMamel­odi Sundowns manje osedlala kwiMaccabi esesigaben­i seNFD.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa