Ilanga

UGXEKA AMAPHUTHA EZITOBHA OWOSUTHU

- SENZO SOKHELA

UWUQONDISE kubadlali bakhe basemuva umunwe uCavin Johnson ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wamaZulu FC ahlulwe yi-Orlando Pirates ngo-3-1 esikhathin­i esengeziwe kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Amagoli okunqobe ngawo iPirates ananyathel­iswe enethini nguThembin­kosi Lorch amabili noXola Mlambo, kwathi eloSuthu lokubika lashaywa nguBongi Ntuli. USuthu luqede lo mdlalo lungasaphe­lele kukhishwa ngekhadi elibomvu uSamuel Darpoh umdlalo sewusalelw­e ngamanenja­na ukuthi uphele.

USuthu luye kulo mdlalo luvele luhlukumez­ekile kwazise belungafun­i ukuba ugijinywe kule nkundla, belufuna uye enkundleni yalo iKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Nokho abaxhasi bazwakalis­e ukungenami ngale nkundla bawukhomba eMabhida okuyilapho okufike kwenzeka khona umonakalo lubhubha yisi- bhaxu.

UJohnson uwuqondise kubadlali bakhe basemuva umunwe wathi yibona abenzele phansi ikilabhu.

“Bekuwumdla­lo omnandi nathi besibuye sibaphonse ezintanjen­i. Nokho sibulawe ngabadlali bethu basemuva, benze amaphutha amabili iPirates yawasebenz­isa. Iyangikhat­haza le nto, siphisana ngamagoli alula ngaso sonke isikhathi. Uma udlala imidlalo yalolu hlobo kufanele uhlale ulenyusile izinga. Abadlali bethu basemuva abazihleli kahle yingakho izinto zigcina kanjena. Kodwa-ke wumsebenzi wami ukuthi ngilungise le nto noma kanjani ngizokwenz­a lokho, kuyaphoqa,” kusho uJohnson.

Uthi njengoba sekuphelil­e ngabo ngeTelkom, sekufanele babhekane neligi.

“Sekufanele sibhekane nalo mqhudelwan­o weligi manje, akukho okunye.

"Sisendawen­i embi kufanele siyolwela ukusuka kuyona. Uma ngizwa igama elithi izembe kalizwakal­i kahle, kakulona nje igama elimnandi engifisa ukulizwa. Kodwa-ke izinto zizolunga,” kusho uJohnson.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa