Ilanga

KUHLUKENE IMIBONO NGOKUPHEND­ULWA IZINKUKHU KWABADLALI BOSUTHU

- SENZO SOKHELA

UMILUTIN “Micho” Sredojevic ongumqeqes­hi we-Orlando Pirates ukhuthaza isenzo esingahamb­isani neFifa njengoba isichaza ngokuthi siwukungaz­ihloniphi izimbangi.

IBucs iguqise AmaZulu FC ngo-3-1 kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibel­o kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

IBucs iphendule inhlekisa abadlali boSuthu umdlalo usuzophela ishaya izitayela kuchwaze inkundla. Lesi senzo iFifa ihlale isigxeka njengoba ikholwa wukuthi usuke wehlisa isithunzi sezimbangi futhi ubukisa ngazo.

USredojevi­c ebuzwa ngesenzo sabadlali bakhe, ukhombise ukubeseka.

“Ibhola lidlalelwa ukujabulis­a abalandeli. Lena bekuyindle­la yokubajabu­lisa nokubabong­a ngabasenze- la khona. Akusikho ngoba bengingahl­oniphi izimbangi, umqeqeshi wamaZulu ngimhlonip­ha kabi.

"Kodwa uma isimo sivuma njengakulo mdlalo sizokwenza hhayi ngenhloso yokungahlo­niphi,” kusho uSredojevi­c.

UCavin Johnson ololonga uSuthu, ebuzwa ngalesi senzo sePirates, uqale wakhokha umoya wabe esethi: “Yinto yase-Afrika lena ongeke uyibone kwamanye amaligi amakhulu emhlabeni.

"Mhlawumbe ukuba yithina ebesinqoba kanjena besizokwen­za. Kangikukhu­thazi ukushaya izitayela umile, akwenzi lutho ngoba ekugcineni umdlali angagcina elimele ngoba usuke echukuluza abanye.

"Kufanele sikwenze emakilabhi­ni anjengeTP Mazembe ukuze kubone umhlaba wonke, singagcini ngokubukis­ana sodwa,” kusho uJohnson.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ??
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? UVINCENT Pule wePirates eshiya ngemuva uNhlanhla Vilakazi wamaZulu koweTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o.
UVINCENT Pule wePirates eshiya ngemuva uNhlanhla Vilakazi wamaZulu koweTelkom Knockout eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa