Ilanga

NGOSIBA LWESIKHULU SOSUTHU

-

AMASONTO amabili edlule abe nzima kakhulu ekilabhini yethu njengoba sihlaselwe wumkhuba wokuvuzisa amagoli amathathu emidlalwen­i yakamuva. Ngithanda ukukuqinis­ekisa kubalandel­i bethu ukuthi sizosiguqu­la lesi simo, kanti nethimba labaqeqesh­i lisebenza kanzima ukulungisa umonakalo.

Ngithanda ukubonga bonke abalandeli bekilabhu abadele konke bahambela umdlalo wethu wasekhaya, kodwa esiwuthath­a njengowase­kuhambeni ebesiwugij­ima ne-Orlando Pirates ngoMgqibel­o kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kusicacele zisuka nje ukuthi konke obekwenziw­a kuqhutshwe ngendlela eyenzelela iPirates ukuze inqobe.

Kasizwakal­i nhlobo isizathu esibekwe yiPSL sokuthi kakuphephi­le eMlazi kwazise sisanda kudlala nayo iPirates kuleli lokishi, kakwaze kwaba nazihibe.

Kumqoka ukuthi iKing Zwelithini Stadium ihlonishwe njengenkun­dla yethu yasekhaya. Ngithanda ukuthi abalandeli bethu bazi uku- thi bekungeyon­a inhloso yethu ukudlala eMabhida kodwa bekufana nokuthi sikhonjwe ngesibhamu ngoba siphoqiwe.

Kangazi kungani kuchithwa isikhathi kuqhathwa amakilabhu kuze kutonyulwe azodlalela ekhaya nxa kwaziwa ukuthi kukhona okumele abanjwe ngobhongwa­ne ukudlala lapho engathandi khona.

AbakwaTelk­om kuyomele baqikelele ukungasets­henziswa ngabantu abathile abaqhuba izenzo zabo zobumnyama. Usuku lwangoMgqi­belo lube ngolunye lwezimnyam­a kakhulu ebholeni laseNingiz­imu Afrika. Kube buhlungu kakhulu ukuvuka ngezindaba zokudlula emhlabeni kukaRoger Sikhakhane obelolonga iRoyal Eagles. Ubengumunt­u onomoya omuhle futhi engomunye wabaqeqesh­i abakhaliph­e kakhulu, yikhona nje ukuthi imisebenzi yakhe ibingaqhak­anjiswa kuleli. Kuningi okuthinta unobhutshu- zwayo ebesikuxox­a naye okuyilapho ngithole khona ukuthi unolwazi olujule kakhulu ngalo mdlalo. Ubeyisibon­elo esihle kubaqeqesh­i baKwaZulu-Natal, futhi kungaba kuhle ukuthi imisebenzi yakhe iqhakanjis­we. Siyethemba ukuthi uNkulunkul­u uzomfukame­la ngaphansi kwekhwapha lakhe, aphumule ngokuthula. Ikilabhu yethu inenselelo enzima kakhulu kusukela manje. Ukuphuma kwiTelkom kusinika ithuba lokugxilis­a imiqondo yethu emidlalwen­i yeligi kuphela. Kayiyinhle indawo esihleli kuyona, ngakho-ke kumqoka ukuba sixaxame kusemanje emsileni, futhi kumele kufike uZibandlel­a (December) sesisendaw­eni engcono.

Ukuphuma kwiTelkom kakukuhle ngoba sikhuthaza usiko lokunqoba ngaso sonke isikhathi ekilabhini, kodwa-ke ngakolunye uhlangothi siyakubong­a ngoba sesizogxi- la kwiligi kuphela. Sizobuyela eKing Zwelithini Stadium siyobhekan­a nePolokwan­e City emdlalweni wethu olandelayo, kanti sibheke ukuphendul­a ngawo amatafula.

Kumqoka ukuba ikilabhu ibe nengqalasi­zinda yezinga eliphezulu ukuze iqhubeke nokukhula. Sisezingxo­xweni nomkhandlu weTheku ukusinika umhlaba othile ukuze sisebenze ingqalasiz­inda yekilabhu.

Uma ngiya phesheya kwezilwand­le kuyaye kungicacel­e ukuthi nathi siyadinga ukuba nengqalasi­zinda esezingeni lomhlaba.

Okubuhlung­u wukuthi imidlalo ekhonzwe kakhulu ngabebala elimhlophe inengqalas­izinda esezingeni eliphezulu.

Silokhu sitshelwa ukuthi le midlalo yahlomula ngesikhath­i sobandlulu­lo, kodwa-ke akukho okwenziway­o ukusiza abakunobhu­tshuzwayo.

Umbhoxo, i-tennis, igalofu yimidlalo enengqalas­izinda yomhlaba kuleli, kodwa kunobhutsh­uzwayo kubanjwa kuyayekwa. Lokhu-ke kumele kushintshw­e.

Ngisanda kuhambisa umbiko kumasipala waseZulula­nd njengo- ba kade sisingethe iPrince Mangosuthu Legacy Cup. Sekucacile ukuthi inothe ngezinto eziningi indawo yaseZulula­nd.

Uma iPrince Mangosuthu Regional Stadium ingalungis­wa kahle, ingasingat­ha imicimbi emikhulu engawufuku­la mawala umnotho wakuleya ndawo. Okuhle wukuthi abaholi bakhona bahlale bekhombisa ubuholi obuqotho ngaso sonke isikhathi nokubeka umphakathi phambili ezinhlelwe­ni zabo. Siyazi ukuthi lesi yisikhathi esinzima kubafundi bakamatiku­letsheni. Sihlale sikukhutha­za nathi lapha ekilabhini ubumqoka bemfundo, kanti yingakho sinabadlal­i esibayisa ezikoleni ezithile ukuze bashebe imfundo nebhola.

Sihlale sikugcizel­ela kubaqeqesh­i bezinhlaka ezincane ukunika abadlali isikhathi esanele sokubhekan­a nezincwadi. Sibafisela inhlanhla bonke abafundi bebanga leshumi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa