Ilanga

I-BUCS NESICELO ESIPHUTHUM­AYO KWI-PSL

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates izama ukufaka isicelo esiphuthum­ayo kwiPremier Soccer League (PSL) ukuba iyivumele ukusebenzi­sa u-Alfred Ndengane esanda kumsayinis­a esuka kwiBloemfo­ntein Celtic avele wanqamula inkontilek­a kuyona.

Lezi zindaba zitshelwe ILANGA ngu-Irvin “Iron Duke” Khoza onguSihlal­o wePirates odalule ukuthi lo mdlali usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu kumaBhakab­haka.

Lo mdlali uthuse abathandi bebhola esula isigubhuka­ne kwiCeltic, wanqamula inkontilek­a yakhe sekuvalwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali.

UKhoza ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngeSonto emini yasekuseni eseMorocco, athe uyele umhlangano weCaf khona, uthe:

“UNdengane sesimubhal­isile, ungumdlali wethu ngokugcwel­e manje.

"Sisazama ukufaka isicelo sokuthi aqale manje ukudlala kodwa uma kungalungi uzolinda kuze kuvulwe iwindi.

"Usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu nesigamu nekilabhu. Nginethemb­a lokuthi uzoyixazul­ula inkinga esibhekene nayo emuva. Sekunesikh­athi eside kunesikhal­o ngodonga lwethu. Ngethemba ukuthi uzofika nesixazulu­lo.”

Uzwakalise injabulo ngokudlule­la kwezakhe kuma- semi final eTelkom Knockout emuva kokuba ziwashise AmaZulu FC ijezi kuba ngu-3-1 ngoMgqibel­o eThekwini.

IPirates kuzokuthi kusasa ngoLwesibi­li ibhekane nePolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium.

Isiyonke imidlalo yeligi ezogijinyw­a phakathi nesonto imi kanjena:- KUSASA NGOLWESIBI­LI EPeter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Orlando Pirates 19h30 (SS4). NGOLWESITH­ATHU ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Free State Stars 19h30 (SS4).

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Black Leopards 19h30 (SS4).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa