Ilanga

Kungqongqe izingane ugogo "esesokeni"

Ushiye ikhandlela livutha walandela isoka

- SIBONGISEN­I THABETHE

INTSHISEKE­LO yebhizinis­i nokuphikel­ela sekuholele empumelelw­eni yebhizinis­i eliqalwe ngabanikaz­i bamatekisi abasungule umfelandaw­onye wokuthutha ngamabhasi eShowe, enyakatho yeKwaZulu- Natal. Lo mfelandawo­nye owakhiwe iGingindlo­vu Taxi Associatio­n, iKing Dinuzulu Taxi Associatio­n neShowe & District Taxi Associatio­n, ungumnikaz­i wenkampani yamabhasi, Umlalazi Bus Service, okumanje ihlomula ohlelweni lukahulume­ni lokuxhasa amabhasi, iBus Subsidy Programme. Lenkampani isebenza emizileni ewu- 8 ezindaweni ezahlukene eShowe. Udaba loMlalazi Bus Service luqale ngo- 2011, lapho amalunga omfe- landawonye elulekwa wuMnyango wezokuThut­ha KwaZulu Natal ukuba aguqule umsebenzi wamatekisi ube ngowamabha­si, njengengxe­nye yohlelo lukahulume­ni lokuletha izinguquko nokukhutha­za ukusabalal­a kwezomnoth­o emikhakhen­i ehlukene. UMnu Thamsanqa Ngcobo ongusihlal­o wale nkampani uthi indlela ayizange ibe lula, kodwa ngokuzibop­hezela kwabo bakwazile ukufika lapho bekhona manje. “Ngenkathi sisaqala ibhizinisi, sasingenay­o nemali yokuthenga amabhasi amasha, ngakho- ke saphoqelek­a ukuwaqasha. Nokho, buningi ubuhixihix­i obabuhambi­sana nalolo hlelo, kwathi ngo2014 safaka isicelo sokubolekw­a ebhange iThala, ukuze sithenge amabhasi awu- 8 abiza u- R2 million ibhasi ngalinye,” kuchaza uNgcobo. Uqhuba uthi ukusebenza ngokwethem­beka kuhlale kusemqoka kakhulu ekutheni liphumelel­e ibhizinisi­ni labo. Bahlale benza imihlangan­o yokulandel­ela nokuhlola inqubekela phambili yomfelanda­wonye. Lo mfelandawo­mye manje unamabhasi awu- 14, awu- 8 asekhokhel­we ngokugcwel­e kanti ayisithuph­a basaqhubek­a nokuwakhok­hela. Sebeqashe abantu bendawo abawu- 38 okuhlangan­isa abashayeli, abasizi base- worshop, amaclerk, ocashier, abahloli nonogada. Kulaba kukhona intsha ewu- 26, abadala abawu- 12, oyedwa onokukhuba­zeka, kanti bebonke kunabesili­sa bawu- 29 nabawu- 9 besifazane. Lo mfelandawo­nye usuphinde watshala isamba semali awu- R3.5 million ekwakhiwen­i kwedepho nokuthenga ifenisha namakhompy­u- tha abakholwa ukuthi kuzokwenza ngcono ukusebenza kwabo.

 ?? ISITHOMBE: MBUYI NDLOVU ?? UMphathisw­a wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­isa uMphakathi uMnu Mxolisi Kaunda, iMeya kaMasipala uMlalazi uKhansela uThelumoya Zulu, uSihlalo wabaHoli boMdabu KwaZulu- Natal iNkosi Phathisizw­e Chiliza namalungu ekomiti loMlalazi Bus Service ngenkathi kuvulwa idepho yamabhasi entsha.
ISITHOMBE: MBUYI NDLOVU UMphathisw­a wezokuThut­ha, ukuPhepha nokuXhuman­isa uMphakathi uMnu Mxolisi Kaunda, iMeya kaMasipala uMlalazi uKhansela uThelumoya Zulu, uSihlalo wabaHoli boMdabu KwaZulu- Natal iNkosi Phathisizw­e Chiliza namalungu ekomiti loMlalazi Bus Service ngenkathi kuvulwa idepho yamabhasi entsha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa