AWESIZWE ASHELA UMQEQESHI WE-PIRATES
Ugcizelela ukuthi usafuna ukunqoba izicoco neBucs
I- ORLANDO Pirates isengcupheni yokulahlekelwa nguMilutin “Micho” Sredojevic ( osesithombeni) ongumqeqeshi wayo njengoba kuvela ukuthi kunamaqembu esizwe ase-Afrika ameshela isinyenyela.
IBucs ijabulise abalandeli bayo abebephume ngezinkani iguqisa AmaZulu FC ngo-3-1 kwi- quarter final yeTelkom Knockout ngoMgqibelo kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Amagoli ePirates abekwe enethini nguThembinkosi Lorch amabili nelikaXola Mlambo, kwathi eloSuthu lashaywa nguBongi Ntuli.
Leli phephandaba lihletshelwe ngomunye umthombo walo osebenza kwiPirates ukuthi uSredojevic usephenduke inyama emazweni ase-Afrika njengoba kunameshelayo. Uveze ukuthi iLibya ngenye yamazwe agaqele lo mqeqeshi waseSerbia.
Uthi kukhona namanye ama- bili amakhulu amfuna uthuli. Nokho uSredojevic uthi uzele ukuzohlenga iBucs, akukho okunye akucabangayo ngaphandle kwalokho.
Uthi into emqoka kuyena njengamanje wukubona iPirates iwola izinkomishi kubalwa neyeCaf Champions League.
“Sibhekene nohambo olunzima kodwa-ke sizonqoba. Emuva kokuba sinqobe iSoweto Derby benginovalo lokuthi sizozikhukhumeza bese siba nenkinga kulo mdlalo. Bekufanele size- hlise ukuze sibhekane nalo mdlalo. Nakuba sinqobile kodwa kunezinto engingagculisekile ngazo.
“Sishaye igoli lokuqala, akuphelanga isikhathi esingakanani AmaZulu ashaya elokulinganisa. Kayingiphathanga kahle le nto kufanele izinto ezinjena singazivumeli.
"Kakubanga ngumdlalo olula, uSuthu nalo belufika. Kodwa-ke siyayifuna le nkomishi, sizozama ngawo wonke amandla ukuyinqoba,” kusho uSredojevic.
IBucs kuzokuthi kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 ibhekane nePolokwane City kowe-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. USredojevic uthi noma kanjani kufanele bawunqobe lo mdlalo.
“Kuzokuba ngumdlalo onzima. Silindele uRama G (Rodney Ramagalela) nezakhe ukuba basigadulise njengoba besefomini. Kuzokuba nzima ePolokwane kodwa sizokulwa. Kufanele siwunqobe lo mdlalo uma kuwukuthi sifuna ukufaka ingcindezi embangweni wesicoco seligi,” kusho uSredojevic.