Ilanga

Isasasa kuvulwa ngokomthet­ho iMount Edgecombe Interchang­e

-

AKHONA DLAMINI UNGQONGQOS­HE wezoThutha uDkt Blade Nzimande uvule ngokusemth­ethweni i- Mount Edgecombe Interchang­e eMhlanga, enyakatho yeTheku, emcimbini wokuphetha imikhankas­o yenyanga yezokuthut­ha ebihlangan­isa imicimbi eminingi eyenziwa ezweni lonke. I- Mount Edgecombe Interchang­e iyingxenye esemqoka yohlelo lwemigwaqo emikhulu kuMasipala weTheku futhi luzosiza ekunciphis­eni isiminyami­nya sezimoto kugqugquze­le nezokuphep­ha emgwaqeni. Le nxanxathel­a yomgwao yakhiwe ngokubambi­sana phakathi kophiko lwezokuThu­tha kuzwelonke i- SANRAL noMnyango wezokuThut­ha KwaZuluNat­al ngesamba sika- R1.1 billion. UNzimande uthe isiminyami­nya sezimoto esidala ukunqwabel­ana kwezimoto ku- M41 kanye no- N2 ezibalelwa ku- 40 000 ngezikhath­i ezimatasa, sekuyinto yakudala njengoba sekunale Interchang­e nosekushin­tshe isimo sokubukeka kwesifunda­zwe nezwe lonke. “Le Interchang­e enamabhulo­ho amane abelethene inemizila emibili umzila ngamunye okwenza izimoto zihambe zikhululek­e. Lesi sakhiwo sihlangani­sa izimpawu zomgwaqo, okuqinisek­isa ukuhamba kahle ngokukhulu­leka kwezimoto kuyo yonke imizila,” kusho uNzimande. “Bangu- 803 abantu abathole umsebenzi kwinkontil­eka ngokwakhiw­a kwe- Mount Edgecombe Interchang­e, abangu- 724 kulabo abaseThekw­ini namaphethe­lo, ngemali elinganise­lwa ku- R240 million ekhokhiwe ngamaholo,” kusho uNgqongqos­he uNzimande. Inani eliphelele lamasub- contractor anikwe umsebenzi libalelwa ku- 31 bese kuba nomsebenzi odle imali engu- R59 million owenziwe amabhizini­si amancane, ama- SMME, angu 21.

 ??  ?? Inxanxathe­la ye-Interchang­e evulwe ngokomthet­ho ezokwenza lula ukuhamba ku-N2 eMhlanga.
Inxanxathe­la ye-Interchang­e evulwe ngokomthet­ho ezokwenza lula ukuhamba ku-N2 eMhlanga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa