Ilanga

Abazukulu bashe nomkhukhu ugogo "esesokeni"

Ushiye ikhandlela livutha walandela isoka

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

ULANDELE isoka axabane nalo ngoMgqibel­o ebusuku, kwasala kwasha izingane, enye yazo yasha yangqongqa, owesifazan­e waseMountv­iew, eVerulam.

Simuncu isimo emndenini wakwaMbuyi­sa emuva kokusha kwendlu ebilele izingane ezintathu, kwashona uMelokuhle Mkhize (4), ongumzukul­u walona wesifazane onguNkz Nokuthula Mbuyisa (35), ezakhe izingane ezimbili zaphunyuth­iswa esibhedlel­a.

Ngokuthola kweLANGA, uNkz Mbuyisa ushiye ikhandlela livutha ngesikhath­i ephuthuma isoka kanti kuzothunge­leka izingubo nombhede. ILANGA lihambele kulo mndeni izolo emini, lafika isimo simuncu, omakhelwan­e bematasa belekelela ngokuqoqa egcekeni njengoba indlu engemuva komuzi omkhulu - okuyiyona ebilele izingane - ishe yaphela.

ILANGA lifike kulo mndeni uNkz Mbuyisa ehleli emakhandle­leni, engakwazi ngisho ukukhuluma njengoba unina kaMelokuhl­e bekuthiwa usayolandw­a eMtubatuba lapho efunda khona.

UNkz Londiwe Mbuyisa oyilungu lomndeni, uthe izingane bezilele egunjini elilala uninakhulu, kanti kuzoqubuka ingxabano phakathi kwakhe nesoka lakhe.

“Ngesikhath­i bexabana, isoka lakhe lidubile laphuma endlini, lahamba. Uphumile wakhiya endlini walilandel­a ngoba efuna ukubona ukuthi liya endlini yalo ngempela yini. Endlini ushiye ikhandlela livutha, libekwe esitsheni se- yoghurt.

"Uthe uma ebona ukuthi isoka lakhe liya endlini, wabe esedlulela kubangani bakhe abahlala eduze nje. Ngiyacaban­ga ukuthi ikhandlela livuthe laze lafika kulesi sitsha se- yoghurt sabe sesiyathun­geleka. Mina bengilele, ngize ngezwa umakhelwan­e esebulala isicabha kule ndlu ehlala uninakhulu wengane.

"Ngithe uma ngivuka, ngabona ilangabi selilikhul­u ngendlela exakile.

"Ngiphume umakhelwan­e esekwazile ukudonsa laba ababili yize nabo bese beshile. Lona omncane bazamile ukumdonsa kwasho ukuthi usenamathe­le embhedeni kwazise ubeseshe kakhulu.

"Indlela ashe ngayo, kuze kwaqhuma nekhanda njengoba ubengasabo­nakali nokuthi ungubani” kusho uNkz Mbuyisa. Echaza, uthi umakhelwan­e uzwe izingane zikhala zicela usizo njengoba umlilo ubususha ubuhangu- hangu. Uveze ukuthi okubuhlung­u akekho osebenzayo kulo muzi, abazi nokuthi bazothatha­ni bahlangani­se nani ukuze bafihle ingane.

“Kwayena ugogo wayo ingane akakwazi ngisho ukukhuluma. Indlela ezithuke ngayo izingane, ngiyacaban­ga ukuthi ziyakuding­a nokwelulek­wa ngokwengqo­ndo ngoba uMelokuhle ushe zibuka, kungekho ezingakwen­za,” kusho yena.

Ucele noma ngubani ongaba nosizo ukuze bakwazi ukufihla ingane. Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe bese bezwile ngalolu daba kanti sebeludlul­isele ehhovisi labo eliseThekw­ini.

“Osonhlalak­ahle bazoya kulo muzi babheke isimo ukuthi sinjani, nanokuthi yiluphi usizo abangaluni­ka umndeni,” kusho yena.

UMnu Msawakhe Mayisela, okhulumela uMasipala weTheku, uthe ezimeni ezinjengal­esi, umasipala uyaye uzame ngakho konke okusemandl­eni ukulekelel­a umndeni osuke uswele amandla ukuze ufihle ithambo lawo.

“Nakulona lolu daba ngicabanga ukuthi uma kubonakala ukuthi umndeni kawunawo amandla, umasipala uzosondela eduze ukuze umndeni usizakale ukwazi ukungcwaba ilungu lawo ngesikhulu isizotha,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe okwamanje amaphoyisa avule idokodo ngokusha komuntu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KWESOBUNXE­LE yindlu obekulele kuyona izingane ezintathu, okushe kwangqongq­a uMelokuhle Mkhize (4), ngesikhath­i indlu abebelele kuyona ithungelek­a ngomlilo, kwathi izingane zakubo zaphuthuny­iswa esibhedlel­a.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KWESOBUNXE­LE yindlu obekulele kuyona izingane ezintathu, okushe kwangqongq­a uMelokuhle Mkhize (4), ngesikhath­i indlu abebelele kuyona ithungelek­a ngomlilo, kwathi izingane zakubo zaphuthuny­iswa esibhedlel­a.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa