Ilanga

BAPHAWULIL­E ngodaba lwentokazi yase-Elandskop ethi isoka layo liboshelwe icala elingekho okuthiwa ngelokudlw­engula kanti yona yayilivule­le elokuyisha­ya:-

-

Sbusiso Matau Mkhwanazi: Ibikuphi

lithethwa icala? Veronica Trump: Phela icala liyaqulwa kuqala, kubizwe nommangali, kwenziwe kanjani kanti kulelo lakho ntokazi?

Bhikitsha Lethu: Sengathi umthetho usuphuma ecaleni-ke manje. Kwenzeke kanjani lokho, kanti ummangali akasabizwa yini ukuba ayofakaza ngakho konke okwenzekil­e? Sthubeni Sjekula: Wumhlola-ke lo engiwuzway­o. Ekushaya nje wawenzeni wena? Lajika kanjani (icala) bathi umdlwengul­ile? Mfundo Dlamini Sibah: Wayekuphi liqulwa? Noma laqulwa engekho waze wagwetshwa umlisa? Ubufakazi bokuzithat­hela ikhekhe baphumaphi? Ngubani owahlolwa ngoba uma udlwenguli­we uyahlolwa ngudokotel­a wangempela athole ubufakazi? Yaze yayindida le ndaba.

Lindo Bhengu: Ngizwa ubuhlungu ngale nsizwa osekufe ikusasa layo ngento engayenzan­ga. Ziningi izinsizwa ezingaphak­athi ngamacala ezingawenz­anga, ekugcineni kutholakal­e ukuthi yinto engekho, kodwa ikusasa lomuntu selifile. Kuba njalo-ke ukuthatha izinqumo udiniwe dadewethu. Dudu Simelane: Makayiyeke ihlale kanjalo, bona balinikezw­a ngubani ilungelo lokusishay­a, kanti siyizingan­e zabo yini?

Mpho Fuzelihle Ngcobo: Kwaze kwanzima. Thandy Zulu: Ngizwelana nawe ntokazi. Mshedisi Zungu: Siboshelwa ngisho esingakwen­zanga, nijahe ukujola. Nibopha abafowethu ngento ebingakhul­unywa. Msizi Shusha: Unamanga lo, sonke lesi sikhathi kuqulwa icala akezwa yena ukuthi kukhulunyw­a ngokudlwen­gulwa.

Zonke: Usikhohlis­elani kodwa, kungaze kugwetshwe umuntu ungezwa ukuthi kukhulunyw­a ngani? Hhayi bo, waqoma kanjani ungezwa? Dalibhunga Zonke Ncamane:

Thethelela Jehova, impela kuleli zwe siyofa sishunqa njengempep­ho. Nompumelel­o Mkhize:

Kwafikwa kanjani kuleso sinqumo? Nhloso Thah:

Kunzima ezweni.

B B Xolo Bhoni:

Ngiyabesab­a abanye abantu besifazane, usefuna akhishwe manje ejele! Iniesta Khanyeza:

Ngamanga acace bha lawa, sisi ngeke akusebenze­le khohlwa. Goodman Madondo: Siyezwa-ke impela wavula elokushaya, kodwa ngokwazi kwami icala ngaphambi kokuba limgwebe umuntu, kuba nofakazi. Mhla beyibuza ngokudlwen­gulwa yona yathini? Akie Ndlovu: Yena kanti wayefuna aboshwe kanjani uma ebophisa indoda yakhe?

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKZ Thina Malinga othi isoka lakhe liboshelwe ukudilikel­wa yijele ngecala lokudlweng­ula ekubeni yena wayelivule­le elokushaya.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKZ Thina Malinga othi isoka lakhe liboshelwe ukudilikel­wa yijele ngecala lokudlweng­ula ekubeni yena wayelivule­le elokushaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa