BAPHAWULILE ngodaba lwentokazi yase-Elandskop ethi isoka layo liboshelwe icala elingekho okuthiwa ngelokudlwengula kanti yona yayilivulele elokuyishaya:-
Sbusiso Matau Mkhwanazi: Ibikuphi
lithethwa icala? Veronica Trump: Phela icala liyaqulwa kuqala, kubizwe nommangali, kwenziwe kanjani kanti kulelo lakho ntokazi?
Bhikitsha Lethu: Sengathi umthetho usuphuma ecaleni-ke manje. Kwenzeke kanjani lokho, kanti ummangali akasabizwa yini ukuba ayofakaza ngakho konke okwenzekile? Sthubeni Sjekula: Wumhlola-ke lo engiwuzwayo. Ekushaya nje wawenzeni wena? Lajika kanjani (icala) bathi umdlwengulile? Mfundo Dlamini Sibah: Wayekuphi liqulwa? Noma laqulwa engekho waze wagwetshwa umlisa? Ubufakazi bokuzithathela ikhekhe baphumaphi? Ngubani owahlolwa ngoba uma udlwenguliwe uyahlolwa ngudokotela wangempela athole ubufakazi? Yaze yayindida le ndaba.
Lindo Bhengu: Ngizwa ubuhlungu ngale nsizwa osekufe ikusasa layo ngento engayenzanga. Ziningi izinsizwa ezingaphakathi ngamacala ezingawenzanga, ekugcineni kutholakale ukuthi yinto engekho, kodwa ikusasa lomuntu selifile. Kuba njalo-ke ukuthatha izinqumo udiniwe dadewethu. Dudu Simelane: Makayiyeke ihlale kanjalo, bona balinikezwa ngubani ilungelo lokusishaya, kanti siyizingane zabo yini?
Mpho Fuzelihle Ngcobo: Kwaze kwanzima. Thandy Zulu: Ngizwelana nawe ntokazi. Mshedisi Zungu: Siboshelwa ngisho esingakwenzanga, nijahe ukujola. Nibopha abafowethu ngento ebingakhulunywa. Msizi Shusha: Unamanga lo, sonke lesi sikhathi kuqulwa icala akezwa yena ukuthi kukhulunywa ngokudlwengulwa.
Zonke: Usikhohliselani kodwa, kungaze kugwetshwe umuntu ungezwa ukuthi kukhulunywa ngani? Hhayi bo, waqoma kanjani ungezwa? Dalibhunga Zonke Ncamane:
Thethelela Jehova, impela kuleli zwe siyofa sishunqa njengempepho. Nompumelelo Mkhize:
Kwafikwa kanjani kuleso sinqumo? Nhloso Thah:
Kunzima ezweni.
B B Xolo Bhoni:
Ngiyabesaba abanye abantu besifazane, usefuna akhishwe manje ejele! Iniesta Khanyeza:
Ngamanga acace bha lawa, sisi ngeke akusebenzele khohlwa. Goodman Madondo: Siyezwa-ke impela wavula elokushaya, kodwa ngokwazi kwami icala ngaphambi kokuba limgwebe umuntu, kuba nofakazi. Mhla beyibuza ngokudlwengulwa yona yathini? Akie Ndlovu: Yena kanti wayefuna aboshwe kanjani uma ebophisa indoda yakhe?