Ilanga

Ikusasa likaGigaba lisezandle­ni zomphathi

-

ISIZULU sithi ithi ingabankul­u ingazekeki. Abadala nxa besebenzis­a lokhu kukhuluma, cishe babesuke bebhekise esimeni esifana nesikaNgqo­ngqoshe wezaseKhay­a, uMnu Malusi Nkanyezi Gigaba, kulezi zinsuku ogutshuzel­we yizinkinga namahlazo okubonakal­a kuzomlahle­kisela ngesikhund­la kwikhabhin­ethi kuhulumeni kazwelonke.

Isonto eledlule uliqale kabi uMnu Gigaba ngokuba kuputshuke i- video athi wayezenzel­e yona ngasese, lapho ebonakala ephulula isitho sakhe sangasese, okumfake ehlazweni waba ngundabize­kwayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kugiywa ngethambo lakhe. Kusabatsha­zwa lokho, iNkantolo yoMthethos­isekelo inqabile ukulalela isicelo sakhe sokulalela icala, lapho enye inkantolo yayinqume ukuthi wabe esenga ezimithiyo nxa ethi akazange avumele umndeni ocaphuna kusale wakwa-Oppenheime­r, ukuba usebenzise ingxenye yesikhumul­o i-OR Tambo Internatio­nal, njengendaw­o ekhethekil­e yawo yokwamukel­a amabhanoyi omntakaban­i.

Ngalo eledlule, uphinde wagqemeka engeqiwa ntwala ngesikhath­i uMvikeli woMphakath­i, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, evumelana nenkantolo ngokuthi okaGigaba waqamba amanga kulolu daba. Ube esenquma ukuba uMengameli Cyril Ramaphosa athathele lo ngqongqosh­e izinyathel­o ezifanele ukumjezisa, maduze. Naphezu kokunethwa yizinduku ngalolu hlobo, uMnu Gigaba uthi akazimisel­e ukwehla esikhundle­ni ngoba ethi akavumelan­i nesinqumo senkantolo.

Utshele iphephanda­ba iSunday Times ukuthi kunabambop­hela amanqina enyathi, abafuna ukuqeda ngaye kwipolitik­i. Ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke azishiyele yena isikhundla. Ngeshwa lakhe, ikusasa lakhe mayelana nokuthi uyaqhubeka yini aqhoqhobal­e isikhundla lisezandla­ni zikaMnu Ramaphosa. Inkinga kaMnu Gigaba kubukeka sengathi ilele ekutheni usejwayele ukuhlala esemafuthe­ni, kusukela esemusha ngenkathi ebekwa ngumengame­li osewashiya, uMnu Thabo Mbeki ukuba abe yisekela ngqongqosh­e lomnyango wezasekhay­a.

Kwathi nxa kungena uMnu Jacob Zuma kwesokweng­amela izwe, uMnu Gigaba wakhushule­lwa kwesobungq­ongqoshe, waphathisw­a umnyango wezamabhiz­inisi kahulumeni (public enterprise­s). Kule minyaka engungqong­qoshe, ubesejwaye­le ukuhola itshe lemali, ukuhlala emizini yombuso kanokusho, ukuhamba ngezimoto eziphambil­i zikahulume­ni, ukuba nonogada ubusuku nemini, ukubala nje eminye yemihlomul­o econsisa amathe.

Ukukhishwa kulesi sikhundla kungasho ukuba yilungu lephalamen­de elijwayele­kile, nokulahlek­elwa yizizumbul­u zemali emholweni asewujwaye­le.

Inkinga wukuthi ngeke kube lula ukuba athole umsebenzi ezinkampan­ini ezizimele njengoba esagujutsh­uzelwe ngamahlazo, esolwa nangokuba nesandla ekusizeni umndeni wakwaGupta ukuxebula umkhomo ezinkampan­ini zikahulume­ni njengeTran­snet. Noma kunzima kunjalo, kufanele ungqongqos­he abukele kumkhaya wakhe, uMnu Nhlanhla Nene, azishiyele yena esikhundle­ni, angaze akhonjwe indlela nguMengame­li Ramaphosa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa