SEKUQALILE UKUSHISA KUMQEQESHI WE-PMB

Ilanga - - Ezemidlalo - SENZO SOKHELA

UDONSWE ngendlebe ukuba aguqule isimo ngokukhulu ukushesha uFadlu Davids ( osesithombeni) ongumqeqeshi weMaritzburg United eyiqale kabi isizini kwiAbsa Premiership.

ITeam of Choice izobhekana neHighlands Park kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesihlanu ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. Lo mdlalo uyimpinda njengoba emasontweni ambalwa edlule la makilabhu ebebhekene koweTelkom Knockout onqotshwe yiMaritzburg ngo-2-1 kuyo le nkundla.

Nokho iMaritzburg iya kulo mdlalo oyimpinda nje, idonsa kanzima kwiligi njengoba sekunesikhathi igcine ukunqoba. Isendaweni engeyinhle kwi-log njengoba ikweyesithathu uma usuka emsileni. Leli phephandaba lizithele kuFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikazi weMaritzburg ngoMsombuluko ekuseni eHarry Gwala Stadium, ephuma emhlanganweni nethimba labaqeqeshi eliholwa nguDavids.

KUHLEHLE UMDLALO WE-EAGLES ESHONELWE NGUMQEQESHI

UBUYELE kwelakubo eSerbia uZlatko Krmpotic obesanda kuqashwa yiRoyal Eagles ehlehlise umdlalo wayo weNational First Division (NFD) neMbombela United ngemuva kokushonelwa nguRoger Richman Sikhakhane obengumqeqeshi ozofihlwa ngoMgqibelo eTholeni, eStanford, eWasbank.

Lo mdlalo i-Eagles ingase iwugijime ngoLwesithathu ngo-15h30 Kanyamazane Stadium. Kuthiwa uKrmpotic uhanjiswe wukubona ukuthi asekude ukulunga amaphepha okumvumela ukusebenza kuleli.

Kuthiwa abaphathi be-Eagles bathole ukuthi angacishe ayithole ngonyaka ozayo imvume yokusebenza kuleli kwazise kunamaphepha okuthiwa ufike evele eshoda ngawo.

Umsebenzi usazoqhubeka nokuphathwa nguMandla Nhlapo ocija onozinti noSazi Ngubane onikwe owokuba yibamba emuva kokuxinwa wukugula kukaSikhakhane.

UJames Dlamini oyiMenenja-jikelele ye-Eagles, uvumile ukuthi ubuyele kwelakubo uKrmpotic ngenxa yenkinga yamaphepha.

Limubuza leli phephandaba ukuthi uthini njengoba isimo sibukeka singesihle kwezakhe, uthe: “Njengoba ngiphuma emhlanganweni nje, ngimtshelile umqeqeshi ukuthi kufanele ajike izinto ngalo mdlalo. Sesiside isikhathi ikilabhu inganqobi kwiligi. Ngiyayesaba le ndawo esikuyona ngoba ngiyayazi ukuthi injani, kangiyifisi.

“Yilona thuba leli lokuthi siguqule izinto. Kufanele siwunqobe lo mdlalo weHighlands. Wona ngeke ube lula ngoba yikilabhu ehlalayo emuva, engakukhonzile ukuhlasela. Kodwa-ke kakukho ukujikela emuva kufanele siwunqobe lo mdlalo, isimo siyaphoqa,” kusho uKadodia.

U-Owen da Gama ololonga iHighlands, uthi kabazile ngenhloso yokuzoziphindiselela kwiMaritzburg.

“Engingakusho wukuthi ngeke sivume ukuqhuzulwa yitshe elilodwa kabili. Okungenani kufanele sibuye nephuzu kulo mdlalo ngoba bayinkinga ekhaya.

"Lo mdlalo uzofika siwulindele ngendlela eyisimanga ngoba siyawadinga amaphuzu.

"Sifuna ukuhlala kulesi sigaba, eyehlathi kasiyiphuphi nhlobo,” kusho uDa Gama.

UDlamini, uthe balinde iPSL ukubazisa ukuthi lo mdlalo usuzogijinywa nini.

“Simatasa nomsebenzi wokuyofihla uSikhakhane ngoMgqibelo endaweni okuthiwa yiseTholeni eWasbank.

Inkonzo izokuba sekhaya kusuka ngo-9 ekuseni. Siyabonga kakhulu ngoxhaso esiluthole kubantu baseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi sehlelwe yifu elimnyama,” kusho uDlamini.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelasonto imi kanje:NGOMGQIBELO E-Idas Valley Sports: Stellenbosch FC vs Jomo Cosmos 15h00.

Kabokweni: TS Sporting vs Richards Bay FC 15h30.

EVolkswagen Dobsonville: Maccabi FC vs UThongathi FC 15h30.

EPuma: Witbank Spurs vs Ajax Cape Town 15h30.

ESugar Ray Xulu: Real Kings vs Cape Umoya United 15h30. NGESONTO EKameelrivier: TS Galaxy vs Pretoria University FC 15h30.

EBoland: UBuntu Cape Town vs Tshakhuma Tsha Madzivhandila FC 15h30.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.