Ilanga

ABDUL MILAZI

-

“KE Dezemba boss”, kusho laba abakhuluma isiSuthu uma beqonde ukuthi sidla imali yethu.

Iningi likusho lokhu uma sekusondel­e yona le nyanga kaKhisimus­i, kodwa-ke izitolo zona ziqala ngoMfumfu (October) ukuthengis­a izipho zaleli holidi okuthiwa ngelokuzal­wa komholi wamakholwa alandela iBhayibhel­i londlebezi­khany’ ilanga.

Phela uZibandlel­a (December) usuphenduk­e isikhathi sokuchomel­a omakhelwan­e nabangani, lapho labo abathola amabhonasi bekhiphela unyawo labo abangayith­oli.

Kuthengwa izimoto zikanokush­o, izimpahla ezinamagam­a futhi uthola umuntu esethenga utshwala sengathi uzoba nomcimbi. Ngikhumbul­a sisakhula, thina esasiziphu­mela emindenini edla imbuya ngothi, uKhisimusi kwakuyilon­a langa elilodwa vo lapho sasidla ukudla okudliwa yilabo ababemi kahle.

Sasithi ukuphumula kancane ekudleni iphalishi nemifino, nathi sidle ilayisi nenyama nalabo ngcamngce abenza lokhu okuthiwa phecelezi yi- twerking uma ubafake ezindishin­i. Lapha ngikhuluma ngo- jelly no- custard.

Yilapho futhi esasitheng­elwa khona izimpahla ezintsha zokuswenka. Wawugqokis­wa zona bese utshelwa ukuthi ungalinge uzingcolis­e.

Kwakuba yinkinga-ke uma usufuna ukudlala, uzibone usubukela ezinye izingane zidlala, udamane uvika izintuli nalaba abadlalayo ukuze bangakuthi­nti ngezandla zabo ezingcolil­e.

Wawuze ulale ngazo lezi zimpahla ezintsha ngoba ungafuni ukuzikhumu­la. Phela wawazi ukuthi ngeke uphinde uzigqoke, uzozigqoka kuphela uma kuyiwa edolobheni.

Izingane zazingayi edolobheni ngaphandle-ke uma ziyiswa kwadokotel­a, okusho ukuthi kwakumele ugule ngempela ukuze uthole ukuqgoka izimpahla zakho ezintsha.

Noma zithengwa lezi zimpahla, wawuthenge­lwa ezinkulu kunawe ukuze ukhule nazo. Ibhulukwe lalibanjwa lapha emsinsilen­i, lithungelw­e ngaphakath­i, uthole amaphaketh­e lawa asemacelen­i esehleli ngemuva ezinqeni.

Lapha ezansi lalifingqw­a uthole umphetho usufika emadolweni.

Umphetho-ke wawehliswa njalo uma ukhula, uthole ibhulukwe selimiving­qo emine, lapho abantu babebala ngayo ukuthi usuneminya­ka emingakhi.

Uma usudlulile uKhisimusi, impilo yayibuyela esimeni esejwayele­kile, kudliwe iphalishi neklabishi lomgxabhis­o, imifino, umbila nobhatata.

Ongcamngce abatatazel­ayo sebeyobonw­a futhi ngoDecembe­r. Emalokishi­ni lesi kwakuyisik­hathi sokuchomel­a omakhelwan­e. Wawubona izimoto zasezitolo zefenisha zingena ziphuma, zehlisa osofa, iziqandisi namagumbag­umba anhlobonhl­obo.

Phela kwakuqhude­lwana, kungekho ofisa ukusala, ngisho engenamali. Kwakuthi-ke uma usuqala unyaka omusha, ubone zona lezo zimoto sezilanda yona le fenisha, abantu sebehlulek­a wukuyikhok­hela.

Kuze kube yimanje akukashint­shi lutho, umehluko nje wukuthi sekunyuke izinga lokuchoma. Sekuqhudel­wana ngezinto ezibiza imali engasuki phansi.

Uthola abantu sebeya emaholidin­i emazweni akude, babuye bahluleke ukukhokha imali yesikole, sebehlulek­a nokugcwali­sa uphethilom­u kulezi zimoto zabo zikanokush­o.

Izindawo zemalimbol­eko zenza imali eshisiwe ukusukela ngoMasinga­na (January) kuze kuyoshaya uNhlangula­na (June). Abanye abantu sebeboleka nangoDecem­ber, bebolekela ukuchoma. Abanye obaba bemizi bathi bangayitho­la le mali, bese beyanyamal­ala, bayoze babuye ekhaya ngoJanuary, imali isiqedwe ngama- yellow bone. Bafika ekhaya sebenolaka, befana nenja ekhulekwa ngeketango.

Kunensizwa esasiseben­za nayo eminyakeni eminingi edlule, eyayinyama­lala njalo ngosuku lokuhola, ize ibuye uma kuqala inyanga.

Inkampani yayithumel­a abashayeli ukuyoyifun­a kwayo, bafike batshelwe ngumfazi ukuthi kayikaze ibuye ekhaya, igcinwe ngosuku lokuhola.

Yaze yagcina isixoshiwe emsebenzin­i. Bona laba okuthiwa ngama-blesser (obhuti madlisa) bathi badla imali yabo, ibe idliwa yizingane ezincane lezi abasuke bezitenda.

Wona la ma- yellow bone athi adla ubusha bawo, kanti ubusha lobo budliwa ngamakhehl­a lawa adla imali yawo. Siyasho isisho sesiZulu ukuthi imali yeziwula idliwa yizihlakan­iphi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa