Ilanga

Bucishe bachitheka bugayiwe eKokstad

- ANDILE MOSHOESHOE

ICISHE yasusa uthuli lwezichwe inkulumo yokuthi eKokstad kayikho inkosi egunyazwe ngokomthet­ho waKwaZulu-Natal nokuthi iKumkani yamaMpondo, uZanozuko Sigchkgfjk­au, bekufanele ibikele iSilo samaZulu, uZwelithin­i ka-Bhekuzulu uma izonyathel­a emhlabeni waso.

Lokhu kuvele njengoba iKumkani yamaMpondo ibiyingxen­ye yomcimbi wabaholi bomdabu, eYouth Centre, eBhongweni, eKokstad, ngoLwesine.

Lo mcimbi ubugqugquz­elwe wuMasipala iGreat Kokstad ngenhloso yokuhlanga­nisa izizwe ezinomland­o ngedolobha iKokstad, elisemngce­leni weKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape, kucotshele­lwane ngomlando wobukhosi, kwazise kakucaci ukuthi ngobani amakhosi akule ndawo phakathi kwalaba abazibiza ngawo.

Yize iKokstad ibangwa kakhulu ngamaMpond­o namaHiligw­a - anomlando onothile ngayo njengoba yaqanjwa ngomholi wayo, u-Adam Kok III - kodwa zikhona nezinye izizwe ezinomland­o ngayo. Kulezi zizwe kubalwa amaHlubi, amaXesibe, amaMpondom­ise, abeSuthu, amaBhaca namaZulu njengoba leliya dolobha lingaphans­i kweKwaZulu­Natal ngokweming­cele kahulumeni. Zonke lezi zizwe zethule umlando ngabaholi bazo, obuveza ukuthi baxhumana kanjani nedolobha.

ILANGA lingakudal­ula ukuthi selokhu iNkantolo yoMthethos­isekelo ivune iKumkani Zanozuko embangweni wobukhosi bamaMpondo aseQaukeni, isivame ukubonakal­a emicimbini kaMasipala waseKoksta­d.

Yinto engafihliw­e ukubangwa kweKokstad ngamaMpond­o njengoba iKumkani Zanozuko ike yazwakalis­a ukungenami kwayo ngokumenyw­a kweSilo uZwelithin­i emicimbini yabasokwa eba seKokstad njalo ngonyaka, lapho sifika sinikezwe igunya lokukhulum­a “emhlabeni wayo” (iKumkani) kodwa sona sibe singalenza-nga isiko lokusokwa.

NgoLwesine, kawehlanga kahle kwabanye amazwi esikhulu soMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Nathi Mpungose, esethule umbiko oveza ukuthi iKokstad kayinawo amakhosi kepha ngomasipal­a abangomakh­elwano bayo abanamakho­si aziwa nawumnyang­o.

INkosi yaseMzimkh­ulu, uLucky Fodo - ngesikhath­i inikwa ithuba lokukhulum­a - izwakale yeseka umbiko womnyango maqede yazwakalis­a ukujabha ngokukhulu­nyiswa kuqala emcimbini kodwa kukhona iKumkani Zanozuko.

Yiyona iNkosi Fodo ethe iKumkani bekufanele icele eSi- lweni ukunyathel­a emhlabeni waso ngoba ithi ngokomthet­ho isilo sicela kwesinye uma sizovakash­ela indawo yesinye.

UMntwana Andile Matomane (wamaMpondo) akapholisa­nga maseko, usukume wagxeka iNkosi uFodo nomnyango ngokuvumel­ana ngokuthi kawekho amakhosi eKokstad kodwa iKumkani Zanozuko ikhona.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe ngeke azifake kulokhu ngoba sinye kuphela isilo KwaZulu-Natal, iKokstad engaphansi kwaso.

USihlalo weNdlu yaBaholi boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizw­e Chiliza, uthe esifundazw­eni sabo, iKokstad engaphansi kwaso, kubusa iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u, futhike naso siyazi ukuthi uma sizohambel­a eSwazini kufanele iNgwenyama uMswati ikwazi lokho.

Ungoti wezomlando, uDkt Milner Snell, uthe umlando ngeKokstad uveza ukuthi kwakuyinda­wo eyayinaban­tu abambalwa, kwazise abaningi babengatha­ndi ukuhlala kuyona ngenxa yamakhaza. Uthe u-Adam Kok III waba ngumholi wokuqala ukufika nabantu bakhe bazakhela isizinda eKokstad ngeminyaka yo-1863. Uthe iNkosi uFaku yamaMpondo yiyona eyanikwa igunya lokuphatha leya ndawo ukusuka eSouth Coast kuya eDrakensbu­rg ngabo-1844.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa