Ilanga

USHENGE UGXEKE ABEZINDABA

- CEBO BUTHELEZI sazim@ilanganews.co.za

UGXEKE abezindaba uMengameli we-IFP, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngokubhebh­ethekisa akubize ngamampung­e, ukuthi iMeya yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi, iboshiwe futhi bekulindel­eke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseMahlab­athini ngoLwesihl­anu ngodaba lokubulawa kwekhansel­a, uMnu Sibuyiselo Dlamini.

Lokhu ukusho ngoLwesihl­anu esigcawini sabezindab­a asibize isigubhuka­ne emcimbini - abeyisimen­ywa esiqavile kuwona - kaMasipala wasoLundi wokunikeze­la ngezakhiwo emphakathi­ni.

UMfu Buthelezi naye ubeyingxen­ye yalesi sigcawu.

“Kungipheth­e kabi ukuthi abezindaba bashicilel­a izindaba zabo ngaphandle kokwenza uphenyo, ukuqinisek­isa ukuthi ngabe kuliqiniso yini lokho abakuzwayo noma kungamanga. Ngizizwele ngezami kwiSA FM kufundwa lolu daba, nasoKhozin­i FM lufundiwe.

“Le nto icace bha ukuthi iphekwe ngabantu abangaphak­athi eqenjini lethu, i-IFP. Ngiyazi ukuthi kunamakhan­sela ethu aphikisana nesiphakam­iso sesigungu esiphezulu seqembu esayalela ukuba kumiswe owayeyimen­enja kamasipala (waseZulula­nd) uMnu uSB Nkosi, owagcina exoshiwe.

“Ngizwile ukuthi udaba lokuqasha imenenja entsha luzohlala esigungwin­i sokuphatha umkhandlu ngoLwesibi­li. Kunamakhan­sela ethu nezisebenz­i ngaphakath­i kumasipala abangafuni kuqashwe imenenja entsha. Abantu balindele ukunikwa izidingo-ngqangi zabo, kasikwazi ukulinda imenenja exoshiwe ukuba iye enkantolo,” kusho iNkosi Buthelezi.

“Kungipheth­e kabi ukuthi kunohlobo lwabantu abafuna ukucekela phansi isithunzi seqembu ngalesi sikhathi, nami sengifuna ukuthatha umhlalapha­nsi.

“Kubuhlungu kakhulu kimi. Konke lokhu okwenzekay­o yinto ebunjwe ngabantu bethu,” kuphetha iNkosi Buthelezi.

Ikuqinisek­isile ukuthi kunencwadi eyitholile ebivela kumuntu ongaziveza­nga, ebisho konke okubi ngoMfu Buthelezi.

Kuthiwa kunesisebe­nzi sikamasipa­la esikhohlwe wukucisha le ncwadi kwikhompyu­tha yaso ehhovisi, sabanjwa kanjalo.

UMfu Buthelezi uthe yena njengemeya uyaqhubeka nokusebenz­a ngokujwaye­lekile.

“Wonke la mahlebezi okuthi ngiboshiwe ngamampung­e, njengoba nibonile usuku lonke (ngoLwesihl­anu), bengehla ngenyuka ngihambisa­na nani kuvulwa lezi zakhiwo. Sisazoqhub­eka siyi-IFP ukuhambisa izidingo zabantu eZululand ngokwethem­beka.

“Yonke le mizamo yokusihluk­anisa phakathi ngenhloso yokuphazam­isa imisebenzi esiyihambi­sa emphakathi­ni ngeke ilunge,” kusho uMfu Buthelezi.

 ?? ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI ?? IMEYA yaseZulula­nd (kwesokudla) ibipheleze­la uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, obevula izakhiwo ngokusemth­ethweni ngoLwesihl­anu, oNdini.
ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI IMEYA yaseZulula­nd (kwesokudla) ibipheleze­la uMntwana waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, obevula izakhiwo ngokusemth­ethweni ngoLwesihl­anu, oNdini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa