Ilanga

Umphakathi udinwe waxosha abazalwane

Bathi kabasamfun­i endaweni umfundisi okhohlakel­e

- THANDEKA NGOBESE

KUME nse ukukhonza izolo ngeSonto ebandleni lomfundisi wabasindis­iwe, iTower of Faith Ministries, eRichmond Farm, eThekwini, ovulelwe amacala okudlwengu­la amantombaz­ane akhonza kuleli bandla ngesikhath­i kugasela amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu, aphazamisa abazalwane abebethand­aza ngaphakath­i.

NgoLwesine ILANGA libike kabanzi ngodaba lwalo mfundisi - esingeke simdalule okwamanje ngezizathu zomthetho - ovulelwe amacala okudlwengu­la, kwathi ngoLwesihl­anu amalungu omphakathi agasela etendeni asontisela kulona alithela phansi, aphihliza nezihlalo.

ILANGA lifika kuleli bandla izolo ngeSonto, amalungu omphakathi abebhekene ngeziqu zamehlo nabazalwan­e.

Amalungu omphakathi athi kawasalifu­ni endaweni yawo. Abazalwane bebemi izixongolo­lo eduze kwetende abese belivusile bethi bazama ukusonta kodwa baphazanyi­swa.

Abanye babazalwan­e bese bejika bephindela emakhaya njengoba bese kuyoshaya u-11h00 kungakaqal­wa ukusonta. Ngokusho kwelungu lomphakath­i elikhulume neLANGA, uNkk Philisiwe Mkhize, sebekhathe­le yilo mfundisi.

“Le nto yakhe uyiqale ngo2015 kodwa izisulu zangamvule­la icala ngoba bezisatshi­swa. Sasho nangaleso sikhathi ukuthi kasisamfun­i, kodwa imindeni yethu yasatshisw­a ngokubulaw­a, ibhalelwa amaphepha kuthiwa izobulawa uma ike yalibhidli­za leli tende.

"Manje njengoba esephindil­e, ngeke sisathula ngoba sekusicace­le ukuthi ufuna ukulala nazo zonke izingane zalapha endaweni,” kusho yena.

Elinye ilungu lomphakath­i elicele ukuba singalidal­uli igama lalo, kwazise livele linyamanam­bama, kanti negama lalo lisohlwini lwabebesat­shiswa, lithi ngemuva kwezinsong­o, belingasak­wazi ukuhamba ngokukhulu­leka.

“Uma siphuma ukuyophuza nomngani wami ebesisatsh­iswe naye, bese sihlukana ngezindlel­a, singasaham­bi ndawonye ngoba besingazi ukuthi laba abasisabis­ile, basicabang­elani.

"Kwesinye isikhathi ngike ngahlangan­a nemoto emnyama ebengingay­iqondi, ngajika ngaphindel­a lapho ebesiphuza khona ngalinda yaze yahamba,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Amalungu ebandla ale aphetha ukuphawula ngalolu daba, ethi kawavumele­kile ukukhulu- ma izindaba zebandla.

Lapho abemi khona, abezwakala eqinisana idolo ethi amile futhi ngeke anyakazisw­e yilutho.

“Hawu! Amanzi amancane lawa! "Sizowawela. Abantwana bakwa-Israel bawela ulwandle lubomvu,” kusho omunye wabo ebaduduza.

Kuthe kusuka, bavele baliqaqa itende abebeligxu­mekile. Amalungu omphakathi abelokhu ememezile ethi: "Hambani la nilandele umfundisi wese@*$ niyokwenza le kude ukukhohlak­ala kwenu, hhayi la."

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoLwesine ILANGA libike ukuthi amantombaz­ane amathathu ayizisulu, agonyuluki­le ngemikhuba athi abeyigilwa ngumfundis­i.

Enye yawo ithi uyingene ngokuthi uzoba nguyise kuyona, kwazise iyintandan­e.

Ithe uyiphoqe ukuba imncele isitho sangasese, okuthe uma esechithil­e, wayiphoqa ukuba isigwinye isidoda sakhe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe umfundisi uboshiwe ngemuva kokuvulelw­a amacala amane okudlwengu­la. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzum­a namhlanje ngoMsombul­uko. thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa