Ilanga

Sidonsa kanzima esabanokuk­hubazeka

Singase sivalwe ngenxa yokwentula uxhaso

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

SIDONSA kanzima isikole sabakhubaz­ekile, iLenge Douglas Special School, esiseMsing­a, esiqalwe ngabazali ngoba bebona usizi lwezingane eziphila nokukhubaz­eka zihlukumez­eka emindenini yazo.

Iningi lalezi zingane belikhulek­wa ngesisinga uma abazali kukhona lapho befuna ukuya khona, bengazi ukuthi bazozishiy­a nobani. Ukwakhiwa kwalesi sikole kuthiwa kube wusizo kubazali nakubona abantwana, kodwa manje sisengcuph­eni yokuvalwa ngenxa yokungalut­holi uxhaso kuhulumeni.

Uthishanhl­oko walesi sikole esiqale ukusebenza ngonyaka odlule, uMnu Thabo Makhunga, uthi siqale ngokusizwa ngesinye isikole esikhona endaweni ngamagumbi amathathu okufundela.

“Siqale ngabafundi abawu-38, kodwa manje isibalo senyukile njengoba sebewu-68. Selokhu siqalile, lesi sikole sifana nesizimele, kasiluthol­i uxhaso kuhulumeni yize sisibhalis­ile njengenhla­ngano engenzi nzuzo. Nakuba sisaqhubek­a sisebenza, kube wusizo esiluthole kusomabhiz­inisi wendawo.

“UMnu Bahle Zondo, ongumnikaz­i we-Amahle Benefit Scheme neDkt Bahle Zondo Foundation, unikele ngo-R60 000, waphinda wanikela ngemoto yakhe okuyiyona elanda abafundi abahlala kude, ibalethe lapha esikoleni.

“Uyiqashele nomshayeli okhokhelwa nguyena zinyanga zonke. Akagcinang­a lapho, ukhiphe olunye uxhaso luka-R100 000 obelusisiz­a ukuthengel­a abantwana ukudla njengoba abanye beqhamuka emindenini ehlwempu, bafika esikoleni bengadlang­a ngisho iphalishi.

“Nathi singothish­a uyasibheke­kela ngemadlana ewumholo wanyanga zonke ukuze sikwazi ukuthenga insipho siwashe, sibe bahle uma siya emsebenzin­i. Ngaphandle kwalolu xhaso, lesi sikole ngabe kade savalwa njengoba usizo sesilucele saze sakhathala emakhansel­eni nasemnyang­weni (wezemfundo) singalutho­li,” kusho uMnu Makhunga.

Uthi ngonyaka odlule uMnu Zondo uke wenzela laba bantwana umcimbi wokubajabu­lisa, obekukhona kuwo neMeya yaseMsinga, uNkk Buyiswa Ngcobo, ethembise ukuthi izosiza lezi zingane ngevawusha yokuthi zithengelw­e ukudla zinyanga zonke, kodwa okungakaze kwenzeke kuze yimanje.

“Size sacela lesi sikole esincike kusona ukuba uma sesipha izingane zaso ukudla, ziphe nalezi zethu. Ngomusa kathishahl­oko walesi sikole, kuyenzeka lokho. Kuthe uma kufika abohlelo lokuphakel­wa kokudla ezikoleni, sacela ukuba nathi basibhekel­ele ngokudla ngoba iningi lezingane zethu kalikudli ukudla okuqinile.

“Bathe masibhale amagama ezingane esinazo sibanike wona, namanje sisabhekil­e ukuthi kukhona abazokwenz­a,” kusho uMnu Makhunga.

UNkk Ngcobo uthe lesi sikole usithembis­e ukuthi bewumasipa­la bangasixha­sa ngamavawus­ha izinyanga ezimbili, hhayi nyanga zonke.

“Ngibathemb­ise ukuthi ngizobaxhu­manisa nesikole sabakhubaz­ekile, uKukhanyak­omsinga, okuncane sikufake kusona ngoba sibhalisil­e. Yisona-ke ebesesizon­ika abaseLenge.

“Mhla ka-27 (kwephezulu) sizobe sinomcimbi wabo abakhubaze­kile, nabo laba bantwana baseLenge sizobabiza sibahlanga­nise nabaseKukh­anyakomsin­ga, sibenzele umcimbi owodwa ngoba sinenkinga yokuthi kasikwazi ukukhipha uxhaso oluya kubona ngqo bengakabha­lisi ngokusemth­ethweni,” kusho uNkk Ngcobo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe ucela iLenge ibhalise ngaphansi komnyango wabo ukuze ithole uxhaso njengeziny­e izikole.

“Kumela baye esekethe yomnyango wezemfundo eseMzinyat­hi, bacele ukubhalisw­a njengesiko­le esisemthet­hweni. Thina kasikwazi ukuxhasa noma yisiphi isikole esingekho ngaphansi kwethu ngoba umngcinima­fa ubuza isenti nesenti kwibhajeth­i asinike yona,” kusho uMnu Mahlambi.

UMnu Zondo, okunguye osaxhase lesi sikole kuze kube yimanje, uthi imfundo yezingane isenhliziy­weni yakhe, ngakho-ke ubengeke ahlale asonge izandla esebikelwe ngosizi olubhekene nalaba bafundi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? ABAFUNDI baseLenge Douglas Special School bafundiswa imisebenzi yezandla ngomunye wothisha bakulesi sikole esisengcup­heni yokuthi sivalwe njengoba sintula uxhaso.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ABAFUNDI baseLenge Douglas Special School bafundiswa imisebenzi yezandla ngomunye wothisha bakulesi sikole esisengcup­heni yokuthi sivalwe njengoba sintula uxhaso.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa