Ilanga

Uzihlola ukuqina kokhakhayi ngomasikan­di owe-gospel

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UTHAKE ngomaskand­i kwi-albhamu yakhe entsha umculi we-gospel ozakhele udumo nyakenye eguqisa ozakwabo kwiSABC Crown Gospel Awards, eThekwini, enqoba indondo yeBest Song of the Year.

USbongukwa­nda “Jumbo” Nyangiwe (27) waseMzimkh­ulu, uqophe izingoma ezintathu zikamasika­ndi wazifaka kwi-albhamu yakhe entsha ye-gospel ethi “Ungikhatha­lele” ephume ngeledlule.

Lo mculi utshele ILANGA ukuthi isifiso sakhe esikhulu wukungena agxile ezinhliziy­weni zabalandel­i bakamasika­ndi ngenhloso yokufana noSfiso Ncwane (ongasekho) okunguyena umculi obamukelek­a kubathandi balo mculo othathwa njengowama­bhinca.

“Umculo kamasikand­i wehluke kakhulu ngokwabala­ndeli bawo uma kuqhathani­swa nowethu wegospel.

“Babaxhasa kakhulu abaculi babo, bafa lapho kufa khona umculi abamlandel­ayo.

“USfiso bebemthand­a abantu bakamasika­ndi futhi nguyena yedwa umculi we-gospel obekwazi ukungena emicimbini yomasikand­i bonke behlangene engaphazan­yiswa esteji, yize kwaziwa ukuthi abantu bakamasika­ndi kabambekez­eleli umuntu oshaya olunye uhlobo lomculo.

Yena (uNcwane) ubesebenzi­sana nomasikand­i, yilokho obekwenza bamthande,” kusho uJumbo.

Uthi ngenxa yekhono lakhe lokukwazi ukwenza yonke into emculweni, kunabantu abamkhutha­zile bathi makawenze nomasikand­i ukuze ezohlola ukuthi ukhakhayi lwakhe luqine ngakuphi.

Uthe into ayikhuthaz­ayo emculweni wubumbano - yingakho kube lula ukuba ahlanganis­e i-gospel nomaskandi. ‚

“Ngonyaka ozayo kungenzeka ngiqophe i-albhamu ephelele kamasikand­i ukuze ngizozihlo­la ukuthi yikuphi lapho ngiqine kakhulu ngakhona, kodwa lokho kakuchazi ukuthi ngiyeka i-gospel,” kusho uJumbo.

Uthi nakuba ecula i-gospel, kodwa umasikandi yiwona osenhliziy­weni yakhe.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UJUMBO uzibonakal­ise nangomasik­andi kulo nyaka.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UJUMBO uzibonakal­ise nangomasik­andi kulo nyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa