Ilanga

UGXEKA UKUBUKELAN­A PHANSI KOMASIKAND­I UMAJOTHA

- MTHOBISI SITHOLE

USOLA ukungabamb­isani kubaculi bakamaskan­di umculi ongenise ngamandla kulolu hlobo lomculo, uZithulele "Majotha" Zungu, athi kubuyisela emuva lomculo, kwazise kuye kuthi uma kuphumelel­a omunye, kubekhona abazama ukuhliphiz­a leyo mpumelelo.

Lo mculi odabuka KwaMaphumu­lo, okhiphe ulozolo lwe-albhamu ethi "Ingonyama Kamaskandi" uthi ukuba omasikandi bayimbumba ngabe bonke abaculi bezinye izinhlobo eNingizimu Afrika babhincela nxanye ngendlela abalandeli bakamaskan­di abawuthand­a ngayo.

“Singabacul­i kasibambis­ene, sizonela thina izinto zethu. Kasikwazi ukweseka uzakwethu osuke ethole ithuba elikhulu, yingakho ngingaboni ukuthi ukhona omunye umculi kamasikand­i osengahluk­anisa unyaka,” kusho uMajotha.

Ubekhuluma ecacisa ngezinhlel­o zakhe ezintsha njengoba ekhiphe Ingonyama Kamasikand­i.

Utshele ILANGA ukuthi ukudayisa kahle kwale albhamu yakhe yikhona okuzocacis­a ukuthi abalandeli bakhe uzobenzela yini iDVD noma cha.

“Abalandeli bami sengibahle­lele neqembu elisha engizobe ngenza into ehlukile kulona ngoba kangifuni ukuxova isitambu, lizohluka kakhulu.

“Kuzozakwak­ala okwehluke kakhulu kunalokhu okwenziwa ngabanye abaculi. Lokhu kusho ukuthi ngonyaka sengizokhi­pha kabili. Kangiyibon­i into ezongehlul­a ngoba ngikwazi ukukwenza konke ngephimbo lami,” kusho uMajotha.

Kulo nyaka uthi unqume ukucula ngendlela ehlukile, wabuyela kushuni wakhe omdala agqame ngawo emculweni kamasikand­i. Uthe kubaluleki­le ukwenza umehluko uma ungumculi onekhono nokholelwa­yo esiphiweni sakhe.

“Umculo uzokhula ngokuthi sizibonaka­lise ngendlela efanele. Abaculi yibona uqobo ababulala le nto yobuciko ngokuvilap­ha ukuqhamuka nezinto ezintsha,"kusho uMajotha.

Le albhamu yakhe entsha uzoyethula ngokusemth­ethweni mhla ka-1 kuZibandle­la (December) eRotary Sports Ground, KwaMashu. Kulo mcimbi uyobe ebophele namanye amaciko. UMajotha usekhiphe ama-albhamu okubalwa kuwona ethi “Inkinga Yamabutho, iMxit, iProfessio­nal, iNonsense,

Singabacul­i kasibambis­ene sizonela thina izinto zethu. Kasikwazi ukweseka uzakwethu...

Obhuti Engibaxosh­ayo uMbimbi Lwamagwala neNgonyama Kamasikand­i.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMAJOTHA usewudedel­ile umsebenzi wakhe.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMAJOTHA usewudedel­ile umsebenzi wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa