UGXEKA UKUBUKELANA PHANSI KOMASIKANDI UMAJOTHA
USOLA ukungabambisani kubaculi bakamaskandi umculi ongenise ngamandla kulolu hlobo lomculo, uZithulele "Majotha" Zungu, athi kubuyisela emuva lomculo, kwazise kuye kuthi uma kuphumelela omunye, kubekhona abazama ukuhliphiza leyo mpumelelo.
Lo mculi odabuka KwaMaphumulo, okhiphe ulozolo lwe-albhamu ethi "Ingonyama Kamaskandi" uthi ukuba omasikandi bayimbumba ngabe bonke abaculi bezinye izinhlobo eNingizimu Afrika babhincela nxanye ngendlela abalandeli bakamaskandi abawuthanda ngayo.
“Singabaculi kasibambisene, sizonela thina izinto zethu. Kasikwazi ukweseka uzakwethu osuke ethole ithuba elikhulu, yingakho ngingaboni ukuthi ukhona omunye umculi kamasikandi osengahlukanisa unyaka,” kusho uMajotha.
Ubekhuluma ecacisa ngezinhlelo zakhe ezintsha njengoba ekhiphe Ingonyama Kamasikandi.
Utshele ILANGA ukuthi ukudayisa kahle kwale albhamu yakhe yikhona okuzocacisa ukuthi abalandeli bakhe uzobenzela yini iDVD noma cha.
“Abalandeli bami sengibahlelele neqembu elisha engizobe ngenza into ehlukile kulona ngoba kangifuni ukuxova isitambu, lizohluka kakhulu.
“Kuzozakwakala okwehluke kakhulu kunalokhu okwenziwa ngabanye abaculi. Lokhu kusho ukuthi ngonyaka sengizokhipha kabili. Kangiyiboni into ezongehlula ngoba ngikwazi ukukwenza konke ngephimbo lami,” kusho uMajotha.
Kulo nyaka uthi unqume ukucula ngendlela ehlukile, wabuyela kushuni wakhe omdala agqame ngawo emculweni kamasikandi. Uthe kubalulekile ukwenza umehluko uma ungumculi onekhono nokholelwayo esiphiweni sakhe.
“Umculo uzokhula ngokuthi sizibonakalise ngendlela efanele. Abaculi yibona uqobo ababulala le nto yobuciko ngokuvilapha ukuqhamuka nezinto ezintsha,"kusho uMajotha.
Le albhamu yakhe entsha uzoyethula ngokusemthethweni mhla ka-1 kuZibandlela (December) eRotary Sports Ground, KwaMashu. Kulo mcimbi uyobe ebophele namanye amaciko. UMajotha usekhiphe ama-albhamu okubalwa kuwona ethi “Inkinga Yamabutho, iMxit, iProfessional, iNonsense,
Singabaculi kasibambisene sizonela thina izinto zethu. Kasikwazi ukweseka uzakwethu...
Obhuti Engibaxoshayo uMbimbi Lwamagwala neNgonyama Kamasikandi.