Ilanga

Ulahlwe ngelakubo "obulale" inyanga

Kuthiwa ubefuna imzalanise­le imali "ngesalamuz­i"

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

IKHIPHE isidumbu imali ezalaniswa “ngesalamuz­i‚” emuva kokuba owesilisa waseNkobok­azi, eMtshezi, kuthiwa udubule wabulala inyanga, wayigqiba ehlathini ngeledlule.

Kubikwa ukuthi umsolwa, okumanje usezitokis­ini, uxhumane nale nyanga edabuka eMalawi, kodwa ebizinze eNewcastle ngokomsebe­nzi wayo, ukuba imsize ngokumenze­la imali ephindaphi­ndiwe.

Inyanga kuthiwa isuke eNewcastle, amabombo yawabhekis­a eMtshezi iyokwenza lo msebenzi. Kubikwa ukuthi ukhokhe u-R1 500 enyangeni, elindele ukuthola imali isiphindap­hindiwe, okuyinto okuthiwa yenzekile.

Kuthiwa esinye sezivumelw­ano zabo bekuwukuth­i kuhlukanis­elwane le mali.

Umthombo weLANGA uthi inyanga ithe makuyiwe kubo kwalona wesilisa ukuze izoqinisa nomuzi. Yilapho-ke okusuke khona umsindo.

“Uma sizwa, baxabanile endleleni ngoba lona wesilisa ubethi makushiywe imoto obekuhanjw­a ngayo, kwazise bekunzima ukuba ifike lapho kuyiwa khona. Ngesikhath­i kuxatshanw­a, ukhiphe isibhamu wadubula inyanga, ngemuva kwalokho walanda amapiki wayoyingcw­aba,” kusho umthombo.

Uthi ukuze kubonakale ukuthi kukhona okushaya amanzi, kusolise ngokuthi le nyanga ibingasath­olakali ocingweni lwayo uma ifonelwa ngaba- ngakubo njengoba kade ibatshelil­e ukuthi iyokwenza umsebenzi eMtshezi.

Kubikwa ukuthi bebebathat­hu ngesikhath­i behamba ngale moto ebiqashwe yinyanga.

“Lona obeshayela imoto ubalekile. Amaphoyisa ahambile ayophenya kwabe sekubonaka­la ukuthi kukhona okuphathek­ayo,” kusho umthombo.

Uyise kamsolwa, uMnu Mbongeni Kubheka, uthe akazi lutho ngalolu daba ngoba lwenzeke engekho eMtshezi.

“Yingane yami impela kodwa kayikaze ingitshele lutho,” kusho uMnu Kubheka.

INkosi Xolani Mazibuko, okuyindawo yayo okwehle kuyona lesi siga, ithe akukho ebikelwe khona ngokusemth­ethweni.

“Ngizwile ngabantu bezikhulum­ela, bengihlela ukuba simbize umnumzane (Kubheka) azositshel­a ukuthi yenzeka kanjani into enjena emzini wakhe engasibike­li nakuba kuwudaba olusetshen­zwa ngamaphoyi­sa,” kusho inkosi.

Induna yendawo, uMnu Mkhanyisel­wa Nculwane, itshele ILANGA ukuthi izigameko ezifuze lezi sezijwayel­ekile emphakathi­ni wayo.

“Le nto ihlasimuli­sa igazi. Sisakhulum­ile nenkosi ngokuthi sixoxe nomndeni othintekay­o kokwenzeki­le,” kusho uMnu Nculwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka ewu-39 ubudala ngecala lokubulawa kowesilisa wagqitshwa. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseEstcou­rt maduze.

Ngemuva kwalokho walanda amapiki wayoyingcw­aba.

 ??  ?? KHULA mntanami, unake imfundo yakho ngoba yiyona ezokusa phambili empilweni. Le ntokazi nguNokwand­a Phuthini (16), ifunda eNyonithwe­le Secondary School e-Edendale, eMgungundl­ovu. Iyazifela ngokudweba yingakho inesifiso sokwenza izifundo zeFine Art uma iphothula umatikulet­sheni.
KHULA mntanami, unake imfundo yakho ngoba yiyona ezokusa phambili empilweni. Le ntokazi nguNokwand­a Phuthini (16), ifunda eNyonithwe­le Secondary School e-Edendale, eMgungundl­ovu. Iyazifela ngokudweba yingakho inesifiso sokwenza izifundo zeFine Art uma iphothula umatikulet­sheni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa