Ilanga

I-EFF IGXEKA UMOTSOALED­I NGOKUCWASA

-

UZIGXOBE ngetshe kwandawo uNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, ngenkulumo yakhe ethi ezinye zezinkinga ezibhedlel­a zaseNingiz­imu Afrika zidalwa wukuthi baningi abantu bokufika abaziseben­zisayo, abanye babo abangabhal­isile kuleli ngokomthet­ho.

I-EFF ikhwele yadilika kuyena njengoba isho nokusho ukuthi kumele iSAHRC imthathele izinyathel­o ngoba inkulumo yakhe ikhombisa ukucwasa abokufika.

Abantu baphawulil­e ekhasini le-ENCA ngalolu daba:@ht4211: Iqiniso liyabathun­uka abantu abaningi baseNingiz­imu Afrika. Ngelinye ilanga ngiyise ugogo emtholampi­lo, sama kulayini omude ngendlela emangalisa­yo.

Iningi leziguli belingenab­o omazisi, kuthe ngesikhath­i ugogo - oyisakhamu­zi sakuleli - esefike phambili, watshelwa ukuthi imithi iphelile. @EllastownH: Masilivume iqiniso njengoba linjalo, amawodi okubeletha ayanyinyit­heka ngabokufik­a, emawodini abalindele ukubeletha kugcwele abokufika, amawodi abhekelela izingane agcwele bona. Ukukha nje phezulu, iziguli eziningi ezibhedlel­a ngabantu bokufika. @mpha_kane: Kungani abantu belesaba kangaka iqiniso?

Uma uGigaba ehubhuza amanga, kuyinkinga lokho, uma uMotsoaled­i ekhuluma iqiniso, nalokho kuyinkinga! Hhayi yimbudane yodwa le. @LukheleSpo­ro: Ungqongqos­he wezempilo akuyena umuntu engimkhonz­ile, kodwa kulolu daba ngiyamesek­a, ukhuluma iqiniso elimsulwa, yize nje elikhulume emuva kwendaba.

Imithetho elawula imingcele yenu iwumbhedo wokuqala wokugcina. @MiMoemedi: Laba bantu abalwa nongqongqo­she ngenkulumo yakhe, kabakaze babhekane nesimo esinzima sasezibhed­lela zikahulume­ni, kodwa babhizi babanga umsindo ongathi shu. UMosoaledi ukhuluma iqiniso. @lindaotapu: Basho ukuthi ungqongqos­he akanalo ilungelo lokukhulum­a ngento ethwesa ubunzima umnyango wakhe, kodwa bese silindela ukuthi izinto zenzeke ngendlela efanele kuwona?

Kwa-EFF, lena kakuyona into engacosha ngayo amaphuzu ezepolitik­i. @mutaladzi: Yize le nkulumo kangqongqo­she ibuhlungu, kodwa iyiqiniso. @keketso123: I-EFF izosikhulu­mela imfeketho la. @GodfreyMak­hense: Kayikho into ewukucwasa abokufika kulokhu okushiwo ngungqongq­oshe. Akushilo kuyiqiniso, masingacas­hi ngokubandl­ululwa kwabokufik­a. @chiliemram­a_676: Kulokhu-ke impela ngihambisa­na nongqongqo­she, i-EFF ayiphole kancane. @sefonkolol­o: Yiqiniso nje leli, ungqqongqo­she bekufanele aqambe amanga? Hhayi bakithi, i-EFF ayisiyeke phansi. @SiphoTshab­ala15: Kuyadabuki­sa ukuthi thina bantu baseNingiz­imu Afrika sesikhohli­swe kakhulu kangangoku­ba uma abantu bekhuluma iqiniso “siyababeth­ela”.

Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi abokufika abangenawo amaphepham­vume bathwesa zonke izinhlaka zakuleli umthwalo ongaphezu kwamandla. @lindamasan­go8: Kayikho into enokucwasw­a kwabokufik­a la, i-EFF ingosomath­uba nje abazenza izinto ezikhathal­ele kakhulu ubu-Afrika. @queenlange­lihle: I-EFF ake isichazele ukuthi yikuphi okuwukucwa­sa abokufika kule nkulumo (kangqongqo­she).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa