KUBUYA ABADLALI ABAMQOKA BE-ROYAL EAGLES
KUBUYA abadlali abamqoka kwiRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD) ngaphambi komdlalo wayo omqoka ne-Ajax Cape Town ozokuba ngoMgqibelo ngo-15h30 e-Athlone Stadium, eCape Town.
I-Eagles ihambela phezulu kwazise emdlalweni wayo wokugcina weligi iqumbe phansi iMbombela United ngo-1-0 ngeledlule ekuhambeni.
ILANGA lithole ukuthi i-Eagles izogijima umdlalo ne-Ajax sekubuye uMuzi Thabotha ongumgadli ongalibheki ipali obelimele noDavid Booysens oyisitobha.
UJames “Matatazela” Dlamini oyiMenenja-jikelele ye-Eagles, utshele ILANGA ukuthi bazizwa benomfutho kakhulu ngokubuya kwalaba badlali akholwa wukuthi babuye ngesikhathi esihle. Uthi ukunqoba umdlalo odlule kubenze bazibona bezokwazi ukubuya namaphuzu agcwele nakwi-Ajax.
Uthi ithimba labaqeqeshi (uSazi Ngubane noBafana Nhlapo) lenza umsebenzi oncomekayo. Uthi uma liqhubeka ngalolu hlobo ikilabhu izobanjwa kude yize bekuqonda ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa.
“Sijabule kakhulu ngokubuya kwalaba badlali. Bamqoka kakhulu ekilabhini. Ngeke siyithathe kancane i-Ajax yize imiphumela ingahambi kahle (kuyona). KwiNFD kawukwazi ukuthatha enye ikilabhu kancane. Silwela ukuqoqa amaphuzu amaningi kungakavalelwa amaholidi okuphela konyaka ukuze kube lula ngomzuliswano wesibili,” kusho uDlamini.
Ngesikhathi i-Eagles ivakashela eCape Town, uThongathi FC luzokwamukela iStellenbosch FC ngoMgqibelo ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. IReal Kings izovakashela iJomo Cosmos ngoMgqibelo ngo-15h30 eVosloorus Stadium bese iRichards Bay FC ibhekana neWitbank Spurs ngeSonto ngo-15h30 eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.