Ilanga

I-ASA seyicijela imidlalo yaseQatar

UWayde van Niekerk ufakiwe esikwatini

- MZWAMANDLA ZONDI

I- ATHLETICS South Africa (ASA) isiziqalil­e izinhlelo zayo zangonyaka ozayo ukulungise­lela imidlalo ye-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Championsh­ips azokuba ngoMandulo (September) eDoha, eQatar.

I-ASA ngempelaso­nto ibihlangen­e nabaqeqesh­i, abagijimi nabaphathi babo ibethulela izinhlelo zayo zika-2019. Kulo mhlangano kuvunyelwa­ne ngokuthi bonke abagijimi abazimisel­e ngokuba yingxenye yemidlalo kazwelonke yangonyaka ozayo, kufanele babambe iqhaza kwiSouth African National Track and Field Championsh­ips ejwayele ukuba ngoMbasa (April).

Iningi labasubath­i abebeyingx­enye yalo mqhudelwan­o (nonyaka), bawuthakas­ele lo mhlangano. Bathi bangajabul­a uma lo mqhudelwan­o ungaba sezingeni eliphezulu futhi kungabi khona abasubathi abahoxayo. Baqhube ngokuzwaka­lisa isifiso sabo ngokubona lo mqhudelwan­o usakazwa bukhoma ukuheha abaxhasi.

I-ASA ikugcizele­le ukuthi abasubathi abafuna ukubamba iqhaza emidlalwen­i kazwelonke kufanele babe yingxenye ye-ASA Championsh­ip. Kuthiwa umsubathi ongeke akwazi ukubamba iqhaza kumele kube ngogulayo noma onenkinga yomndeni kuphela.

Umengameli we-ASA, u-Aleck Skhosana, uthe lo mhlangano ababe nawo ubasize kakhulu ukuzwa izimvo zabo nokwazi ukuthi yini abazimisel­e ukuyenzela izwe.

“Kubaluleki­le ukuba sihlale phansi sibhunge ngezinto ezithinta ezokugijim­a nabagijimi. Lokhu kuyasiza ukuba nabasubath­i babeke imibono yabo okuzokwenz­a sisebenze ngokubambi­sana nangokuzwa­na,” kusho uSkhosana.

Kulo mcimbi i-ASA imemezele abasubathi besigaba esivulelek­ile nesamajuni­ya abazokuba yingxenye yemijaho yangonyaka ozayo.

Kulo mhlangano i-ASA imemezele isikwati okulindele­ke ukuba isebenzele phezu kwaso ngonyaka ozayo, sesisonke simi kanje: u-Akani Simbine, u-Anaso Jobodwana, u-Antonio Alkana, uBenedict Moeng, uClarence Munyai, uCornel Fredericks, uDerrick Makaleng, uDesmond Mokgubu, uDuane Fortuin, u-Elroy Gelant, u-Emile Erasmus, uHenricho Bruntjies, uKhotso Mokoena, uKyle Blignaut, uLebogang Shange, uLe Roux Hamman, uLuvo Manyonga, uLuxolo Adams, uNcincili Titi, u-Orazio Cremona, uRoscoe Engel, uRuan de Vries, uRuswahle Samaai, uRynardt van Rensburg, uSimon Makagwe, uSokwakhan­a Zazini, uStephen Mokoka, uThando Dlodlo, uThapelo Phora, uVictor Hogan, uWayde van Niekerk, uZark Visser, uCarina Horn, uCassidy Williamson, uCaster Semenya, uCharne Bosman, uChristine Kalmer, uDominique Scott, uGlenrose Xaba, uJustine Palframan, uNolene Conrad, uRekenette Steenkamp, uSunette Viljoen, uTebogo Mamathu, uWenda Nel, uZeney van der Walt, uGerda Steyn, uTamzin Thomas no-Alyssa Conley.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa