Ilanga

ITSHE LIMI NGOTHI KU-BAXTER

- SENZO SOKHELA

ITSHE limi ngothi kuStuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana Bafana njengoba kuvela ukuthi izembe lilenga entanyeni.

IBafana iphinde edume ngakho iphoxa abantu baseNingiz­imu Afrika ibambana neSuper Eagles yaseNigeri­a ngo-1-1 koka-group E wokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibel­o ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

INigeria yiyona evule inkundla ngesikhath­i uBuhle Mkhwanazi oyisitobha seBafana elihlohla ngakubo, kodwa ihlazo lagqitshwa yigoli likaLebo Mothiba aliphaselw­e nguPercy Tau.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uMengameli weSouth African Football Associatio­n (Safa), uDanny Jordaan, uzwakalise ukungenami ngalo mphumela weBafana.

Kuthiwa uma elakuleli lihlulekil­e wukungena kwi-Afcon ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon, izinyawo zizogcwala udaka kuBaxter.

Kuthiwa emuva komdlalo, uJordaan uzwakalise ukungenami ngoBaxter. IBafana ukuze ingene kule midlalo ye-Afcon kufanele ihlule iLibya ekuhambeni kowo- kugcina ka-group E ozokuba ngoNdasa (March).

ILibya ihlule iSeychelle­s ngo-8-1 ekuhambeni ngoMgqibel­o ntambama kowokuhlun­gela yona le midlalo. UBaxter uthi ithuba lokuya kule midlalo lisekhona.

“Ithuba sisenalo lokuya kwi-Afcon ngakho-ke kakuphelil­e ngathi. Lo mdlalo weNigeria besingawun­qoba, sizenzele thina phansi saphinda sabapha negoli.

"Ngiphoxeki­le ngomphumel­a kodwa-ke kuyangijab­ulisa ukuthi sithole amaphuzu amane kwiNigeria,” kusho uBaxter.

IBafana kuzokuthi kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h00 ibhekane neParaguay koweNelson Mandela Challenge eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBaxter uthi bawuhlonip­ha ngendlela eyisimanga lo mdlalo futhi bazokuqini­sekisa ukuthi bayawunqob­a.

“Lo mdlalo ngowokuhlo­nipha iqhawe lomhlaba wonke, ngakhoke kufanele siwunqobe. Lo mdlalo uzophinda usinike ithuba lokubona abadlali abathile.

"Engikucela­yo nje kubantu baseNingiz­imu Afrika wukuba baphume ngobuningi babo ukuzokwese­ka iqembu lesizwe ngoba lo mdlalo umqoka,” kusho uBaxter.

 ?? ISITHOMBE NGAB: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana uStuart Baxter.
ISITHOMBE NGAB: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana uStuart Baxter.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa