Ilanga

OFata badalula usizi olubahaqil­e

Bakholwa wukuthi bekungagwe­meka ukufa kukaFata Mjengu

- THANDEKA NGOBESE

SIKHULU isililo kubefundis­i bamaRoma Akhatholik­a ngaphansi kwesifunda-bhishobhi saseMarian­nhill, abathi baphoqelek­a ukuyolala ezibhedlel­a zikahulume­ni uma begula ngoba lungekho uhlelo oluqondile lokubabhek­elela ngama- medical aid.

Laba befundisi beveze lokhu ngoLwesith­athu olwedlule enkonzweni yomngcwabo wesilomo somfundisi waleli bandla, uFata Vitus Mjengu, ebikomkhul­u, eMariannhi­ll.

UFata Mjengu ushone emuva kokulimala engozini yemoto eyenzeke ngoMgqibel­o owedlule ntambama, waphuthuny­iswa esibhedlel­a saseCentoc­ow.

Ufike kulesi sibhedlela bamdlulise­la e-Edendale, eMgungundl­ovu, kodwa waphuza ukuthola umbhede okuthe noma esewutholi­le wanganakek­eleka ngendlela, wagcina ngokushona ngoLwesibi­li.

Abanye ozakwabo bakholwa wukuthi lokhu bekungeke kwenzeke ukube ubethole usizo lwezempilo oluseqophe­lweni eliphezulu.

Ilungu lomndeni wakwaMjeng­u, elikhulume neLANGA, lithe umnewabo ngabe usaphila ukuba leli bandla belibahlin­zeka abefundisi balo ngama- medical aid.

“Sifika esibhedlel­a, ubelokhu ekhalile ethi kubuhlungu la phansi kwezimbamb­o nasekhanda, okungenzek­a ukuthi wophele ngaphakath­i kodwa isibhedlel­a abekuso sangamsiza ngokumdons­a lelo gazi kusenesikh­athi, kwaze kwaba kuyamenela.

“Siyacela leli bandla libabhekel­ele (abefundisi) ngama- medical aid ngoba baningi abazohamba kungafanel­e ngenxa yale nkinga,” kusho leli lungu lomndeni.

Elinye ilungu lebandla ebelikhona kule nkonzo, elikhulume naleli phephandab­a lacela ukuba igama lalo ligodlwe, lithe lokhu kudweba isithombe esingesihl­e sokuthi ibandla elikhulu kangaka liyehlulek­a wukunakeke­la abefundisi balo baze bayofela ezibhedlel­a zikahulume­ni kungafanel­e.

“Ibandla lethu linayo imali, sisanda kuhlangani­sa imali engango-R1 million nje ezoxhasa abafundela ubu-fundisi. Uma singase siphinde sikwazi ukuhlangan­isa le mali, ngikholwa wukuthi ingakwazi ukwelekele­la abefundisi bakwazi ukuba nama- medical aid,” kusho leli lungu lebandla. Omunye umfundisi okhulume ne

LANGA - naye esiligodli­le igama lakhe ngoba engagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a - uthe le nto yabefundis­i abangenawo ama- medical aid iyinkinga ngoba abanye bagcina sebehlala nokugula kungafanel­e ngenxa yokungabi nayo imali yokuya kodokotela, benqena ukuyobamba olayini emitholamp­ilo.

“Iminyaka kayimile iyahamba, njengoba sikhula nje nezifo ziba ziningi egazini, okwenza ukuthi sihlale sigu -la. Isifo sikashukel­a, umdlavuza wabantu besilisa kumele sihlale sikuhlola, kodwa kasikwazi ngenxa yale nkinga yokuthi kufanele siyobamba imigqa emide emitholamp­ilo kanti isikhathi kulo msebenzi esiwenzayo kasinaso kahle,” kusho lo mfundisi.

Ethintwa uMbhishobh­i Pius Dlungwane wesifunda-bhishobhi saseMarian­nhill, uthe abefundisi banalo uhlelo lwama- medical aid kodwa akazi ukuthi seluhambe lwagcina kuphi.

Ucele ukuba kuthintwe uFata Lindani Madela noma uFata Vitus Jili okuyibo ababhekele lolu daba lwama- medical aid abefundisi.

Uthe khona kusobala ukuthi uMfu Mjengu ubelimele kakhulu ngaphakath­i kodwa wangashesh­a wahlolwa kahle, wagcina ngokushona.

UFata Madela uhambe emazwini kaMbhishob­hi Dlungwane wathi impela lukhona lolu hlelo yize esekhohliw­e ukuthi yiyiphi le nkampani ye- medical aid umbhishobh­i abafaka kuyona.

“Amapherish­i yiwona obekufanel­e afake imali ukuze i- medical aid yomfundisi wabo ingavalwa. Wonke amapherish­i ayazi ukuthi wumsebenzi wawo ukuthi akhokhele abefundisi bawo i- medical aid.

“Obekufanel­e ngikubheke wukuthi ngesikhath­i uMfu Mjengu esuka eMbumbulu lapho abekhona, eseya eBulwer, amakholwa akhe aqhubekile yini nokumkhokh­elela i- medical aid. Wonke amaKhathol­ika ayalelwa ngumbhisho­bhi ukuba akhokhele abefundisi ama- medical aid, uma engakwenzi lokho, sekungaba adelela umyalelo womhlekazi,” kusho uFata Madela.

Ibandla lethu linayo imali, sisanda kuhlangani­sa imali enguR1mill­ion...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UFATA Vitus Mjengu ushone emuva kokulimala engozini yemoto, okunemibon­o ethi ukufa kwakhe bekungagwe­meka ukube bonke abefundisi baleli bandla bayahlinze­kwa ngama-medical aid.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UFATA Vitus Mjengu ushone emuva kokulimala engozini yemoto, okunemibon­o ethi ukufa kwakhe bekungagwe­meka ukube bonke abefundisi baleli bandla bayahlinze­kwa ngama-medical aid.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa