Ilanga

Kugwetshwe umqashi othengele isisebenzi inkabi

ZITHOLELE I-POSTER YE-CHIEFS NEYE-PIRATES NGAPHATHI WINA AMATHIKITH­I E-SOWETO DERBY

- SKHOSIPHI MTHEMBU

USHAYWE ngoswazi oluncane yiNkantolo yesiFunda yaseShowe izolo ngoLwesith­athu umqashi owathenga inkabi ukuba ibulale isisebenzi sakhe, emuva kokuba simmangale­le.

Le nkantolo igwebe uTrevor Wayne (55) iminyaka ewu-10 ebhadla ejele ngecala lokuzama ukubulala uMnu Skhumbuzo Dumisa (39), obesebenza ebhodlela-sitolo lakhe.

UWayne ugwetshwa nje, inkabi, okunguMdud­uzi Zikhali, isivele ingaphakat­hi, nayo idonsa isigwebo seminyaka ewu-10 esithole emuva kokuzivume­la ukuthi ikwenzile lokhu.

Kuvele ukuthi ngesikhath­i enza lokhu uZikhali, wasebenzis­a isibhamu sikaWayne amnikeza sona ukuba aqede ngoMnu Dumisa. Kubikwa ukuthi ngo-2014, uMnu Dumisa uxoshwe nguWayne emsebenzin­i ngoba engayanga kade egula.

Emuva kokuxoshwa, uMnu Dumisa ube eseya kwaCCMA eyofaka icala ngoba umqashi engafuni ukumkhokhe­la imali yakhe emuva kweminyaka emine emsebenzel­a.

Kubikwa ukuthi uliwinile icala, inkantolo yayalela uWayne ukuba amkhokhele u-R110 000. Kuthiwa lokhu kakwehlang­a kahle kuWayne, wabe esedlulise­la icala enkantolo yezezisebe­nzi.

Kusalindwe usuku lokuya enkantolo, kubikwa ukuthi uWayne wathenga uZikhali naye okuvela ukuthi uke wamsebenze­la phambilini, kodwa ubeseshaye­la amatekisi. Kubikwa ukuthi uZikhali ushayele uMnu Dumisa ucingo emazisa ukuthi mabahlanga­ne edolobheni eShowe, kwazise bayazana futhi-ke ubemkwelet­a u-R500.

Kuthiwa uMnu Dumisa uyile edolobheni eShowe, uZikhali wamcela ukuba amlinde ngoba esayothulu­la abantu njengoba ebeshayela amatekisi. UMnu Dumisa uhlale kwaze kwahwalala engafiki uMduduzi.

Kuthe sekuyihora lesikhombi­sa, wafika wamgibelis­a etekisini yakhe wabe esemcela ukuba amphelezel­e baye eDanyini eMlalazi, okuyilapho wamdubulel­a khona.

Kubikwa ukuthi esemdubuli­le, wawa phansi, isibhamu sajema wabe esesilahla phansi, wakhipha ummese wamhlinza esiswini, wamkhipha amathumbu. Emuva kwalokho kuthiwa wahamba wamshiya ethi ufile.

Umshushisi kuleli cala, uMnu Luvuyo Komanisi, ucele inkantolo ukuba inikeze uWayne isigwebo esimfanele ngoba walihlela leli cala.

Uveze ukuthi uMnu Dumisa kuyimanje akanayo ingalo ngenxa yesenzo sikaWayne. IMantshi uMnu Madlala Xolo, ithe leli cala libucayi ngoba belihleliw­e kangangoba uWayne waze wayocela uZikhali ukuba amsize.

Ithe isihluku esasetshen­ziswa sibi kakhulu kanti isigwebo seminyaka eminingi simfanele uWayne. “Ngizwile ukuthi isimo sakho sempilo kasikho kahle, kodwa-ke mina bengikubon­a ungenaluth­o futhi kawekho amaphepha alethwe kimina ahambisana nalokho,” kusho imantshi.

Libe selimgixab­eza ngeminyaka ewu-10 maqede lamphuca nemvume yokuphatha isibhamu. Ekhuluma emuva kwesigwebo uMnu Dumisa, uthe akeneme neze ngoba lesi sigwebo sincane kakhulu ekubeni yena walahlekel­wa ngokuningi, kubalwa nengalo yakhe.

“Akukho engizokwen­za, ngizokwamu­kela lokhu okushiwoyo. Impilo inzima manje, kangisakwa­zi nokusebenz­a njengoba ngingasena­yo ingalo,” kusho yena.

Uthi yize esegwetshi­we uWayne, kodwa usayifuna imali yakhe obekumele amkhokhele yona njengoba icala liphethwe ummeli wakhe. Ummeli kaWayne, uMnu Mohumed Moola, uthe basazosicu­bungula isigwebo ngaphambi kokuba bathathe isinqumo sokuthi basidlulis­ele phambili yini isigwebo. “Leli cala ngilifice seliyophel­a, ikilayenti lami selivele lilahlwe yicala, ngisazobhe­kisisa ukuthi liqulwe kanjani bese sithatha isinqumo," kusho yena.

 ??  ?? UMNU Dumisa ekhombisa lapho ahlinzwa khona yinkabi yamshiya icabanga ukuthi ufile.
UMNU Dumisa ekhombisa lapho ahlinzwa khona yinkabi yamshiya icabanga ukuthi ufile.
 ?? IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMNU Skhumbuzo Dumisa wanqamuka ingalo ngesikhath­i ehlaselwa yinkabi abeyazi.
IZITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMNU Skhumbuzo Dumisa wanqamuka ingalo ngesikhath­i ehlaselwa yinkabi abeyazi.
 ??  ?? U-TREVOR Wayne ogwetshelw­e ukuthenga inkabi ukuba ibulale uMnu Dumisa ngoba emmangalel­e.
U-TREVOR Wayne ogwetshelw­e ukuthenga inkabi ukuba ibulale uMnu Dumisa ngoba emmangalel­e.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa