KUFUNWA OSOLWA NGOKUFA KWEZIHLOBO
USEKUBHACENI owesifazane waseNamibia, eNanda, emuva kokuba umyeni wakhe, osolwa ngokudubula izihlobo zakhe, engalubhadanga eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma mhla ka-1 kuMfumfu (October) njengoba ebengaphandle ngebheyili.
Kubikwa ukuthi inkantolo isikhiphe incwadi yokuba aboshwe uMnu Lungisani Ndlovu, osolwa ngokubulala umlamu wakhe, uNkz Funani Zondo, nokulimaza uMnu Mbongeni Zondo, naye ongumlamu wakhe.
Kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngalesi sigameko ngo-2016, lapho umphakathi wakule ndawo ububabaza isihluku okuthiwa sasetshenziswa nguMnu Ndlovu edubula osibali bakhe ababili emuva kwengxabano abe nayo nomka-khe, uNkz Nokuthula Zondo (osebenzisa isibongo sakubo).
Kwabikwa ukuthi emuva kokwenza lokhu, umsolwa wazinikela emaphoyiseni. Kuthiwa umsolwa waba nengxabano nomkakhe eyaholela ekubeni inkosikazi ithuthe izimpahla zayo ishiye umuzi abebehlala kuwona.
Lokho kuthiwa kakwehlanga kahle kumsolwa owabe esenikela ekhweni lakhe eyobheka umkakhe, okuthe uma engamfici waqonda kuMnu Zondo wamdubula. UNkz Zondo kuthiwa waphuma ezwa umsindo wesibhamu, umsolwa wangakhuluma lutho, wavulela ngenhlamvu ebhekise kuyena washona. Emuva kokuba umsolwa ezinikele emaphoyiseni, wathola ibheyili njengoba esegcwele izinkalo. ILANGA likhulume noNkz Zondo (obeshade nomsolwa) othe bayesaba njengoba umsolwa engaziwa ukuthi uphi.
“Ngicabanga ukuthi noma yimuphi umuntu okulesi simo angesaba ngoba kuyacaca ukuthi akafuni ukuya enkantolo abhekane necala,” kusho yena.
Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi ngomsolwa ukuba axhumane nomphenyi wecala, uD/Sergeant Mthethwa, ku: 072 259 3518 noma ku: 082 290 5726 noma ashayele inombolo yamahhala ewu: 086 001 0111.