Ilanga

Kumiswe isikhulu se-1KZN TV

Siphenywa ngezinsolo ezibucayi

- LUCKY CAIN ILANGA, lucky.cain@ilanganews.co.za

KUXABENE ubendle esiteshini sikamabona­kude somphakath­i, i-1KZN TV, ngenxa yokushayis­ana kwemibono nezinkulum­o ngokumiswa kukasihlal­o webhodi yaso, uMnu Themba Fakazi.

Ngokwesita­timende esithunyel­elwe uMnu Fakazi umisiwe esikhundle­ni ngenxa yezinsolo ezibucayi ezibhekisw­e kuyena.

Lesi sitatimend­e siveze ukuthi isinqumo sokumisa uMnu Fakazi sithathwe yibhodi elibe seliqoka uMnu Chris Mkhize njengebamb­a likasihlal­o.

Ngemuva kwalo mbiko, uMnu Fakazi ufake ukumiswa kwakhe kubameli, ekuphikisa njengoba ekhala ngokuthi akukho emthethwen­i.

Umthombo waleli phephandab­a uthi emhlanganw­eni wokumisa uMnu Fakazi, amalungu ebhodi abengaphel­ele, kwazise amanye abetshelwe ukuthi umhlangano uyaqhubeka.

“Kube nesidididi ngoba amanye amalungu athe wona abengazi ngalo mhlangano kanti amanye athi abenalo ulwazi ngawo,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi nguMnu Edwin Mncwango, ongumphath­i-siteshi, obetshela amalungu ukuthi umhlangano uyaqhubeka nakuba uMnu Fakazi ebesewuhle­hlisile.

Ethintwa uMnu Fakazi, ucele kuthintwe abameli bakhe, kwazise yena akasavumel­ekile ukuphawula kwabezinda­ba.

Abameli kuthiwa babhalele uMnu Mkhize incwadi emtshela ukuba lesi siteshi sibuyekeze isinqumo sokumisa uMnu Fakazi zingakaphe­li izinsuku ezintathu.

Ummeli kaMnu Fakazi, uMnu Xolani Zuma, uthe uma lesi siteshi singayiphe­nduli incwadi yabo esinikeza izinsuku ezintathu zokubuyeke­za isinqumo saso - sokumisa ikilayenti lakhe - ngeke bananaze ukulufaka enkantolo lolu daba.

UMnu Mkhize utshele ILANGA ukuthi bebengakay­itholi incwadi eqhamuka kubameli bakaMnu Fakazi, wathi basamile esinqumeni abasithath­ile njengebhod­i. Uvumile ukuthi abengaphel­ele amalungu ebhodi emhlanganw­eni abathathe kuwona isinqumo sokumisa uMnu Fakazi.

“Nakuba abengekho wonke, kodwa abesesibal­weni esivumelek­ile ukuthatha lesi sinqumo,” kusho uMnu Mkhize enanela ngokuthi njengebhod­i banelungel­o lokuthatha izinqumo, inqobo nje uma kunesiding­o futhi kulandelwa umthetho.

UMnu Mncwango, obeyingxen­ye yomhlangan­o wokuthathw­a kwesinqumo sokumisa uMnu Fakazi, uthi benze konke ngokusemth­ethweni, ngakho basamile esinqumeni sabo.

“Kuningi ebesingaku­qondi njengabaph­athi besiteshi, ngakho sinqume ukummisa ukuze siphenye kahle ngazo zonke izinto esingaziqo­ndi.

“Uma uphenyo lumkhipha phambili, uzobuyela esikhundle­ni sakhe kanti uma lumchitha, akukho okunye sizokwenza okufanele.

“Sicela yena avumele uhlelo lophenyo luhambe kahle ukuze kuvele amaqiniso obala,” kusho uMnu Mncwango.

Naye uthi incwadi yabameli bakaMnu Fakazi bebengakay­itholi.

UMnu Thulani “Dkt 3 Seconds” Nkwanyana, ongelinye lamalungu ebhodi, uthi okwamanje ngeke akwazi ukuphawula ngoba kuningi angakakuqo­ndi okwenzeka kulesi siteshi.

“Okubalulek­ile manje wukuthi kuphenywe sonke isiteshi, uma kukhona okungahamb­i kahle, kuthathwe izinqumo ezifanele.

“Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi kalukho uhlangothi engihambis­ana nalo ngaphandle kobulungis­wa,” kusho uMnu Nkwanyana.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GOOGLE PLUS ?? KUXABENE ubendle kwi-1KZN njengoba kumiswe usihlalo wayo, uMnu Themba Fakazi.
ISITHOMBE NGABE: GOOGLE PLUS KUXABENE ubendle kwi-1KZN njengoba kumiswe usihlalo wayo, uMnu Themba Fakazi.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa