Ilanga

Kushe kwangqongq­a abane endlini

Umakhelwan­e yena ushe ezama ukuhlenga ugogo obengakwaz­i ukuhamba

- THANDEKA NGOBESE SHINGA

SISHIYE umphakathi nomndeni wakwaMncub­e eWhite City, eMooi River, ukhungathe­kile isigameko sokusha kungqongqe abantu abane endlini yakhona ngoMgqibel­o ebusuku.

Kulesi sigameko, kushone uNkz Temba Beauty Mncube (81), uMnu Siyabonga Ndlovu (ongowakwam­akhelwane), uMnu Yenziwe Majola (21) oyisihlobo nalo mndeni noMnu Mfundo Zuma (34) obeyisoka lowesifaza­ne wakulo muzi.

Umndeni wakwaMncub­e uthi kawazi ukuthi uzothathan­i uhlanganis­e nani njengoba lesi sigameko senzeke ngendlela nawo othi uma uxoxa, kuzwakale ukuthi kawukholwa.

NgoLwesibi­li ILANGA livakashel­e lo mndeni onebhizini­si lokudayisa utshwala, lapho lifike lazibonela khona indlu enamakamel­o awu-7 ishe yangqonqa.

Indaba kuthiwa isuke ngemuva kokuba elinye ilungu lesifazane lalo mndeni lithosa ama- fried-chip nge- deep fryer, lase liphumela emnyango. Kuthiwa libuye sekugqamuk­a amalangabi abengasala­wuleki.

UMnu Sifiso Mncube, oyilungu lomndeni, uthi basola ukuthi lona obepheka ama- fried-chip wenze iphutha ngokuzama ukucisha umlilo ngamanzi ngoba ebona kugqamuka amalangabi.

“Sisola ukuthi wukuzama ukucisha amalangabi ngamanzi okwenze isimo saba sibi kakhulu, okudale ukuba laba abathathu abebelele bangakwazi ukuphuma. Lona wesine, uMnu Ndlovu ongumakhel­wane futhi obejwayele kakhulu lapha ekhaya, ungene ezama ukuyolekel­ela ugogo ngoba ehamba ngesihlalo esinamason­do.

"Kasazi ukuthi kwenzekeni kuyena ngoba utholakale endlini yokuphumul­a engashile nakakhulu, sisola ukuthi mhlawumbe kukhona okumshaye ekhanda waquleka, waxhilwa yintuthu,” kusho yena.

UMnu Mncube uthi ngesikhath­i kwenzeka lo mshophi, bebengazi ukuthi bekukhona abantu abangaki endlini, kwazise abanye bebezihlal­ele endlini engaphandl­e lapho kudayiselw­a khona utshwala. “Sibone ngoba sekuhambe isikhathi ukuthi umzala (uMnu Majola) akekho, okuyilapho sibone khona ukuthi kanti naye ungaphakat­hi.

"Kulo mlilo silahlekel­we yiyona yonke into esinayo njengoba kushe indlu yonke, yizimpahla, yifenisha ngisho nomazisi namanye amaphepha abalulekil­e,” kusho yena. Uthi yize benabo omasingcwa­bisane, kodwa kuningi abashoda ngakho njengoba bengekho nabantu abasebenza­yo.

“Njengamanj­e sifisa ukuba sibafihle ngempelaso­nto kodwa-ke sisalinde omasingcwa­bisane balaba ababili balapha ekhaya. Laba abanye sisazozwa ngemindeni yabo ukuthi bazofihlwa nini, kodwa isifiso sethu esikhulu wukuba inkonzo yabo yomngcwabo siyihlanga­nise,” kusho yena.

Ngokuthola kweLANGA , isimo simuncu njengoba kuvela ukuthi uMnu Zuma amalungu omndeni abengazi ukuthi usendlini, ubelele ekameleni lalona wesifazane obethosa.

Kuthiwa amalungu omphakathi azamile ukubhula umlilo, kodwa kwasho ukuthi unamandla ngendlela eyisimanga ngoba kuthiwa kakuphelan­ga isikhathi esingakana­ni, kwabe sekuthunge­leke indlu yonke.

Lona wesifazane obesanda kuqala ibhizinisi lokudayisa amachips athosiwe, kuthiwa njengamanj­e uphazamise­kile kakhulu ekhanda kangangoku­thi akakhulumi nokukhulum­a.

“Njengomnde­ni simgade kakhulu ngoba kuningi aseke wabhekana nakho. Eminyakeni emibili edlule ulahlekelw­e kakhulu, okuhlangan­isa ukudlula emhlabeni kwesoka lakhe, nalo elashonela lapha ekhaya ngemuva kokugula, wukudlula emhlabeni kukanina nengane yakhe ebinezinya­nga eziwu-6 izelwe.

"Kukho konke lokho, akazange akhale nokukhala, okusenza siphatheke kabi kakhulu ngalokhu okwenzekil­e ngoba siyazi ukuthi bekuyingoz­i futhi kasifuni azisole ngakho. Siyafisa ukuba asheshe athole ukwelulekw­a ngokomqond­o,” kusho uMnu Mncube.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, UCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa asesiteshi­ni saseBruntv­ille, avule idokodo lophenyo ngalesi sigameko sokufa kwabantu abane okuthiwa bashiswe wumlilo.

 ??  ??
 ??  ?? UMNU Sifiso Mncube ekhombisa nabantu abane. ukuthi indlu yakubo isale injani emuva kwesigamek­o esinyantis­a igazi, esidlule
UMNU Sifiso Mncube ekhombisa nabantu abane. ukuthi indlu yakubo isale injani emuva kwesigamek­o esinyantis­a igazi, esidlule
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa