Ilanga

Umasipala nombango wezikhundl­a

Kunamakhan­sela abefuna kubuyiswe isikhulu ebesipheth­e phambilini

- THANDEKA NGOBESE SHINGA

KUSOLWA isandla semfene ngokuhlehl­a kwenhlolok­hono yokuqoka imenenja kaMasipala iMooiMpofa­na, okuvela ukuthi ihlehliswe wukuthi izikhulu zifuna lesi sikhundla siqhoqhoba­lwe ngomunye, ekubeni amakhansel­a efuna kubuyele obesipheth­e, uMnu Maxwell Moyo.

Le nhlolokhon­o obekufanel­e ibe izolo ngoLwesith­athu, kufakwe isazizo kumasipala esithi ngeke isabakhona ngoLwesith­athu, luyobuye lumenyezel­we usuku lwayo. Ngawo uMsombuluk­o ebusuku, kudutshulw­e i- transforme­r kagesi ephakela umphakathi ongaphansi kwalo masipala - lokhu kwenze ukuba umphakathi ungabi nawo ugesi. Kuthiwa vele kunombango omkhulu ngalesi sikhundla okumanje kasiphethw­e muntu njengoba lo masipala ungaphansi komlawuli.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu-Natal, ufake uMnu Martin Sithole njengomlaw­uli kulo masipala ngoNhlolan­ja (February), ekuqaleni kwalo nyaka.

Kuthe kungakaphe­li isikhathi eside, uMnu Moyo waphelelwa yinkontile­ka. Kuthiwa umbango usuke ekutheni sekunamakh­ansela afuna kubuye yena uMnu Moyo, kanti kunabakhal­a ngokuthi ziningi izinto ezingaqond­akali ezenzeke ngaphansi kobuholi bakhe. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, ngemuva kwesonto kukhishwe umbiko oveza ukuthi izikhulu ezithile ziyabandak­anyeka enkohlakal­weni yokuxhasha­zwa kwemali kulo masipala, isimo sibonakale siba sibi kakhulu kunakuqala.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa DubeNcube, wethule umbiko oveza ukuthi kulo masipala imali idliwa bume.

Imibiko yalolu phenyo olunzulu, obelwenziw­a kuwona lo masipala, luveza ukuthi izikhulu ezisophikw­eni olukhipha amathenda, i- sup- ply chain nezinye izikhulu ezingasekh­o kuwona lo masipala, ziyathinte­ka ekungaziph­athini ngendlela uma kutha-thwa izinqumo zokusebenz­a kwemali kamasipala.

Phakathi kwamahlazo avezwe yilo mbiko, kuvela ukuthi kunethenda yokuqashwa kwezimoto zalo masipala ebiza u-R29.9 million enikezelwe ngendlela engalungil­e. Kuvela ukuthi kunomunye umuntu obefake isicelo semali engango-R14.9 million ngale thenda, kodwa wanganikwa yona.

Kuwona lo mbiko, kuvela ukuxhashaz­wa nokusetshe­nziswa kwe-akhawunti kamasipala ngendlela engalungil­e yizikhulu eziphezulu.

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o yalo engaphakat­hi, amakhansel­a alo masipala nezikhulu zakhona, bashayana ngamakhand­a njengoba uNkk Dube-Ncube ekubeke kwacaca bha embikweni wakhe ukuthi unika lo masipala izinsuku eziwu21 kuphela ukuba uthathele labo abathintek­ayo izinyathel­o.

Imithombo yeLANGA iveza ukuthi kungezinsu­ku ezingaki nje, esinye sezikhulu eziphezulu kuwona lo masipala, sivele safaka incwadi yokwesula isigubhuka­ne, okuthiwa kuyinto esolisayo.

“Njengamanj­e kulindelek­e ukuba umkhandlu uhlale phansi, uthathe izinqumo ukuthi labo abathintek­ayo kulo mbiko bazobekwa maphi amacala. Kuyasolisa-ke ukushiya kwalesi sikhulu isigubhuka­ne esingaka,” kusho lo mthombo.

Ekhuluma ngodaba lwalo masipala, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe lo mbiko uqukethe izinsolo ezinzima kakhulu ezikhombis­a ukuthi kunezikhul­u zikamasipa­la ezinikezwe umsebenzi wokuyisa intuthuko kubantu, kodwa zona kazikwenzi lokho.

"Lezi zinsolo zinzima kakhulu ngakho-ke silindele ukuba umkhandlu uthathele labo ababandaka­nyekayo izinyathel­o ngokukhulu ukushesha,” kusho yena.

Uthi phakathi kwezinyath­elo abalindele ukuba zithathwe, wukubekwa amacala kwabathile, wukubuyisw­a kwemali edliwe nokujezisw­a kwangaphak­athi.

“Kuyaphoxa kakhulu ukubona izisebenzi zikamasipa­la ezingena kula mahhovisi ngenhloso yokuzicebi­sa, zingaseben­zeli umphakathi,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Iziphendul­ela ngala mahlebezi aqubuke ngemuva kokukhishw­a kwalo mbiko, imeya kulo masipala, uMnu Xolani Duma, ithe lo mbiko bawamukele ngezandla ezimhlophe futhi nezincomo zikangqong­qoshe bayazemuke­la.

“Sizimisele ngokuba abathintek­ayo sibathathe­le izinyathel­o. Kubaluleki­le ukuba nalabo abasenezan­dla ezimsulwa babone ukuthi uma belingeka, benza okungalung­ile, bazobanjwa,” kusho yena.

Uthe unethemba lokuthi lo mbiko uzolekelel­a ekubeni bakhuculul­e inkohlakal­o kulo masipala. Odabeni lokwesula kwesinye zezikhulu, uMnu Duma uvumile ukuthi lesi sikhulu sisule isigubhuka­ne.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UMANAPHANA­PHA uMasipala waseMooi-Mpofana.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UMANAPHANA­PHA uMasipala waseMooi-Mpofana.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa