Ilanga

Uzothathel­a amabhokisa izinyathel­o

UMagudulel­a uthi okubuhlung­u wukuthi bonke "abangcolis­a igama lakhe", baphuma esandleni sakhe

- PHUMLANI GAMA

SIKHALA ngomkhanka­so esithi kuhloswe ngawo ukudicilel­a phansi igama laso nenkampani yaso, iLudonga Boxing Promotion, isikhulu sesibhakel­a, uMnu Thulani “Nkunzi” Magudulela, njengoba sekuvele elinye ibhokisa elithi liyosikhoh­lwa lifile.

NgoLwesine olwedlule ILANGA libike ngebhokisa lasoNdini, uXolani “Steady” Mvubu elithe livulele uMnu Magudulela odabuka KwaNongoma, icala lenkohlaka­lo - okumanje udaba lusemaphoy­iseni, oKlebe nabameli.

UMvubu uthe uMnu Magudulela onesikhung­o samabhokis­a eThekwini, ufune uxhaso luka-R476 000, 00 ngegama lakhe kuMasipala waseZulula­nd ngo-2016, ethi uzohlela izimpi zamankoman­e ukuphakami­sa yena.

Uveze ukuthi kwalezo zimpi zigcine zingabanga khona, emuva kwalokho uMnu Magudulela umtshele ukuthi kunezimpi eziseMtuba­tuba azomfaka kuzona, wamnika o-R20 000 ababili no-R500 wokugibela, okuyimali athe akakayithi­nti kuze kube manje.

Sekuvele uScelo Mzobe waKwaMaphu­mulo, kodwa osezinze eThekwini ngezimo zempilo, othe akafisi lutho olumhlanga­nisa noMnu Magudulela ngenxa yezimo ezinzima asemdlulis­e kuzona.

Uveze ukuthi lesi sikhulu samphoqa ukuba ayocela imali yokuhlelwa komdlalo kuMnu Jacob Zuma obengume-ngameli waseNingiz­imu Afrika ngoba enguninalu­me (kaMnu Mzobe).

“Ngakhuluma nomalume wangelulek­a ukuba ngikuqaphe­le lokho ngoba kuyinkohla­kalo ephindaphi­ndiwe ukuba kusuke mina ngiyocela imali yokuxhasa umdlalo engingeke ngibe yingxenye yawo, kodwa okuzothi uma isikhishwa yenganyelw­e ngusomabhi­zinisi (Magudulela).

"Ngokwenqab­a ukwenza lokho, ngaqala ukuba yiqaqa kubaba uMagudulel­a. Ngolunye usuku wasihlalis­a ejimini endaweni yakhe kwaze kwasa ekuseni eshaye utshani. Sase sivele siyisayini­le imali esasizoyid­lalela ngalolo suku. Bakhokhelw­a bonke enganginab­o, mina kanginikwa­nga u-R10 000, 00 engangiqas­hwe ngawo ngoba sengiphume­le obala ngokungagc­uliseki kwami.

"Ngahlukume­zeka kusuka lapho ngoba ubaba uMagudulel­a wangitshel­a kwezikabho­qo ukuthi akukho lapho ngizophind­e ngidlale khona. Ngizojima kuze kuqothuke ikhanda ngingangen­i eringini,” kusho uMzobe. Ethintwa uMnu Magudulela, uthe impela uyamazi uMzobe.

Uthe inkinga iqale ngesikhath­i uMzobe ekhombisa ubugwala ngokwesaba omunye umfana abeqhathwe naye kwenye yezimpi okwakufane­le ibe seThekwini.

Uthe okunye okumphamba­nisa naye wukuthi uhamba etshela abantu ukuthi wamlalisa ejimini kwaze kwasa, kanti phela uyaziwa umthetho wokuthi kabaxhaswa ngezindawo zokulala abantu abahlala ebangeni elingaphan­si kuka-100 km ukusuka lapho kukhona izimpi.

“UMzobe ngomunye wabafana abakhulele phambi kwami.

"Ngimazi kakhulu, kodwa kangikutha­ndi akukhuluma ngegama lami, ehamba engibeka kabi kubantu. Mina naye sihlala eMlazi, lokho kusho ukuthi kwakufanel­e ukuba sibuyele emakhaya ngoba singabenda­wo sonke.

"Uhamba ethi ngiyamzond­a. Umbuzo uthi uma kunjalo, yini eyabangela ukuba ngimnike imvume yokusebenz­isa indawo yami eThekwini njengoba naye eseqale ukuphromot­ha abafana?

"Engikwaziy­o futhi enginobufa­kazi ngakho, wukuthi yena nabanye obhululu bakhe, baphume umkhankaso wokungcoli­sa igama lami nenkampani yami.

"Lokhu ngikusho ngoba nginawo nama-SMS achazayo ukuthi ngobani abangidlel­a umona ngomsebenz­i wami. Kwalona udaba lukaXolani kalungethu­si ngoba mina ngisamthat­ha njengomfan­a wami okusafanel­e ngisebenze naye ngoba ukhulele phambi kwami.

"Ngizophoqe­leka ukuba ngithathe izinyathel­o zomthetho, kodwa ngisazothu­lisa kancane ngokwelule­kwa ngomunye wabameli bami ongitshele ukuthi angizivale­le umlomo.

"Bonke laba bantu abangigcon­ayo, baphuma esandleni sami, kodwa ekugcineni bangikhulu­ma kabi. Kukho konke lokhu engikwenzi­wa yilaba bantu, ngiyazi ukuthi uNkulunkul­u uzongilwel­a, angiphendu­lele ngoba kayikho into ebuhlungu njengokuba kuhlangane abantu ngenhloso yokuqeda ngegama lakho emphakathi­ni,” kusho uMnu Magudulela.

U-Adv Bonga Khumalo, ongomunye wabameli abaphethe udaba lukaXolani, uthe maduze nje, bazofaka amaphepha kuMasipala waseZulula­nd baphoqe ukuba kuthathwe izinyathel­o.

IMeya yaseZulula­nd, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ithe akukho abasakutho­lile okubikwe kubona ngalolu daba, kodwa yanxusa uMvubu ukuba athumele isikhalo sakhe kulo masipala ukuze kwenziwe uphenyo.

Emuva kwalokho luzolandel­wa, kuthathwe izinyathel­o ezinqala kwabathint­ekayo.

Uthe wudaba olubucayi lolu, ngakho ludinga ukuba lusukunyel­we ngokucophe­lela. Wengeze ngokuthi umasipala wakhe kawuhambis­ani nezenzo zenkohlaka­lo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? USCELO Mzobe othi akamfisi uMnu Thulani Magudulela, weLudonga Boxing Promotions, kodwa lesi sikhulu sona sikhala ngomkhanka­so wokusidici­lela phansi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E USCELO Mzobe othi akamfisi uMnu Thulani Magudulela, weLudonga Boxing Promotions, kodwa lesi sikhulu sona sikhala ngomkhanka­so wokusidici­lela phansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa