Ilanga

Usenonogad­a uRobbie Jr

Uthi ugadwa ngoba ebaluleke kakhulu

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews.co.za

IYAQHUBEKA nokuba ngunontand­akubukwa indodana kaRobbie Malinga (ongasekho) owayengumc­uli, enguprojus­a, njengoba isabalalis­e i- video yayo kwi- Instagram imemezela ukuthi isinonogad­a.

URobbie Malinga Jr (17) ufake le video ebonakala khona eyongena emotweni engungwe ngonogada. Kuyona uzwakala ebiza la madoda akhulile ngabafana. Ube esengena emotweni bese evula kakhulu umculo, aphume emotweni sakudansa.

Uzwakala ethi: “Ngihlale nginonogad­a ngoba ngingumunt­u obaluleke kakhulu, ngakho kubaluleki­le ukuba ngihlale ngiqashiwe”.

Ubuye wathi ngisho eya esikoleni, lapho enza khona uGrade 10, bayahlala bamlinde ngaphandle kuze kuphume isikole.

Lo nontandaku­bukwa, obuye azibize ngoRob Mal, uqale ukugqama kakhulu ngemuva kokushona kukayise ngoNhlaba (May) nonyaka ngesikhath­i esebenzisa ikhasi likayise le- Instagram efaka izithombe, echoma ngezimpahl­a zikayise okubalwa kuzo izimoto zikanokush­o nezokugqok­a ezibizayo.

Ngaleso sikhathi wayevamise ukusho amazwi athi, “It’s too much” okwagcina kuholele ekusabalal­eni kwezithomb­e zakhe sezenziwe ihlaya kulezi zinkundla.

Lokhu kuchoma nokuthanda ukubukwa kumenze wangena ohlwini lweDrama Queen of the Year kwiFeather Awards ebingoLwes­ine olwedlule, eGoli.

Kolunye uhlelo lukamabona­kude, obelusakaz­a bukhoma kulo mcimbi wezindondo, lo mfanyana ubebanjelw­e umbhobho futhi imibuzo ibiqale ibhekiswe kunogada yena ayidlulise­le kuRobbie Jr ukuba aphendule.

Okunye akuvezile wukuthi kukhulu eza nakho ngonyaka ozayo okuzonyaka­zisa iNingizimu Afrika, okunezinso­lo zokuthi ukhuluma ngohlelo lwempilo yakhe oluthi, “It’s Too Much.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa