Ilanga

Banxuswe ukuba banikelele abampofu

Umnyango ucela abafundi ukuba bangayibha­li imifaniswa­no yabo

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUNXUSWE abafundi bakamatiku­letsheni ukuba babuyisele emphakathi­ni ukusiza abaswele ngokuba bangayidab­uli imifaniswa­no yesikole kodwa bayishiye ezikoleni uma sebeqede ukubhala ukuze kusizakale abayidinga­yo.

Lokhu kushiwo ngumqondis­i obhekelele ezokubhalw­a kwezivivin­yo eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu, ekhuluma neLANGA.

Uthe njengoba u-98% wabafundi uqeda ukubhala ngoMsombul­uko ngephepha lesiNgisi, uzojabulel­a ukuphothul­a umatric bese udabula umfaniswan­o.

UDkt Mthembu uthe iNingizimu Afrika ihlaselwe kakhulu wububha, bacela abafundi ukuba bangayibha­li imifaniswa­no kodwa bayinike othisha ukuze kuzonikwa abafundi abasuke bengenawo amandla okuyitheng­a.

Uthe nakuba izivivinyo zizophuthu­lwa ngoLwesith­athu lo- mhla ka-28 kwephezulu ngephepha le-Agricultur­al Management Practice neDesign, kodwa inqwaba yabafundi kuzwelonke iyaqeda ngoMsombul­uko.

Uthe uma abafundi beqeda ukubhala, benza imikhutsha­na engehli kahle kubona emnyangwen­i wezemfundo nasemphaka­thini imbala.

“Abantwana baphuza uphuzo oludakayo, abanye baze bangene ezinkingen­i eziqeda ngempilo yabo noma baboshwe ngenxa yokududana. Umntwana uhamba kubo ekuseni eyobhala iphepha lokugcina angabe esabuya.

“Kubaluleki­le ukuba bakhumbule iminyaka eminingi abayihlale esikoleni nobunzima ababhekane nabo kumatikule­tsheni, ukuthi sebengalah­lekelwa yimpilo yabo ngesikhash­ana esincane kangaka‚” kusho uDkt Mthembu.

Uveze nokuthi umnyango usukulunge­le ukubhekana nokumakwa kwamapheph­a okuzoqala mhla ka-1 kuZibandle­la (December).

Uthi ziwu-29 izikhungo okuzomakel­wa kuzona kanti zimbili okuzomakel­wa kuzona amaphepha aqondene nabadala.

Utshele ILANGA ukuthi bonke othisha abazomaka kumele bafike ezikhungwe­ni nencwadi ebhalwe emnyangwen­i, eqinisekis­a ukuqashwa kwabo, nebhalwe nguthishan­hloko wesikole ecacisa ukuthi nguyena odedele lowo thisha esikoleni ngoba esewuqedil­e wonke umsebenzi wakhe.

“Konke sesikuhlel­ile, kubalwa nezokuphep­ha kwabazomak­a, wukugadwa kwamapheph­a nokuqikele­la ukuthi izikhungo zisezingen­i eliphezulu yini.

“Okuyoqhamu­ka kuyoba ngebesinga­kwazi ngoba ngakolweth­u uhlangothi, sesikwenze konke.

“Sicela nomphakath­i uwuhloniph­e lo msebenzi wesizwe, kungabikwa izinto ezizophaza­misa ukumaka ezikhungwe­ni. Abazomaka bayakwazi okungalind­elekile kubona, okubalwa kukhona ukufika emuva kwesikhath­i, izidakamiz­wa, omakhalekh­ukhwini nezikhali,” kusho uDkt Mthembu.

 ??  ??
 ??  ?? KUCELWA abafundi ukuba bangayibha­li inyufomu kodwa bayishiye ezikoleni ukuze izonikwa abayidinga­yo.
KUCELWA abafundi ukuba bangayibha­li inyufomu kodwa bayishiye ezikoleni ukuze izonikwa abayidinga­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa