Banxuswe ukuba banikelele abampofu
Umnyango ucela abafundi ukuba bangayibhali imifaniswano yabo
KUNXUSWE abafundi bakamatikuletsheni ukuba babuyisele emphakathini ukusiza abaswele ngokuba bangayidabuli imifaniswano yesikole kodwa bayishiye ezikoleni uma sebeqede ukubhala ukuze kusizakale abayidingayo.
Lokhu kushiwo ngumqondisi obhekelele ezokubhalwa kwezivivinyo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu, ekhuluma neLANGA.
Uthe njengoba u-98% wabafundi uqeda ukubhala ngoMsombuluko ngephepha lesiNgisi, uzojabulela ukuphothula umatric bese udabula umfaniswano.
UDkt Mthembu uthe iNingizimu Afrika ihlaselwe kakhulu wububha, bacela abafundi ukuba bangayibhali imifaniswano kodwa bayinike othisha ukuze kuzonikwa abafundi abasuke bengenawo amandla okuyithenga.
Uthe nakuba izivivinyo zizophuthulwa ngoLwesithathu lo- mhla ka-28 kwephezulu ngephepha le-Agricultural Management Practice neDesign, kodwa inqwaba yabafundi kuzwelonke iyaqeda ngoMsombuluko.
Uthe uma abafundi beqeda ukubhala, benza imikhutshana engehli kahle kubona emnyangweni wezemfundo nasemphakathini imbala.
“Abantwana baphuza uphuzo oludakayo, abanye baze bangene ezinkingeni eziqeda ngempilo yabo noma baboshwe ngenxa yokududana. Umntwana uhamba kubo ekuseni eyobhala iphepha lokugcina angabe esabuya.
“Kubalulekile ukuba bakhumbule iminyaka eminingi abayihlale esikoleni nobunzima ababhekane nabo kumatikuletsheni, ukuthi sebengalahlekelwa yimpilo yabo ngesikhashana esincane kangaka‚” kusho uDkt Mthembu.
Uveze nokuthi umnyango usukulungele ukubhekana nokumakwa kwamaphepha okuzoqala mhla ka-1 kuZibandlela (December).
Uthi ziwu-29 izikhungo okuzomakelwa kuzona kanti zimbili okuzomakelwa kuzona amaphepha aqondene nabadala.
Utshele ILANGA ukuthi bonke othisha abazomaka kumele bafike ezikhungweni nencwadi ebhalwe emnyangweni, eqinisekisa ukuqashwa kwabo, nebhalwe nguthishanhloko wesikole ecacisa ukuthi nguyena odedele lowo thisha esikoleni ngoba esewuqedile wonke umsebenzi wakhe.
“Konke sesikuhlelile, kubalwa nezokuphepha kwabazomaka, wukugadwa kwamaphepha nokuqikelela ukuthi izikhungo zisezingeni eliphezulu yini.
“Okuyoqhamuka kuyoba ngebesingakwazi ngoba ngakolwethu uhlangothi, sesikwenze konke.
“Sicela nomphakathi uwuhloniphe lo msebenzi wesizwe, kungabikwa izinto ezizophazamisa ukumaka ezikhungweni. Abazomaka bayakwazi okungalindelekile kubona, okubalwa kukhona ukufika emuva kwesikhathi, izidakamizwa, omakhalekhukhwini nezikhali,” kusho uDkt Mthembu.