Ilanga

Isikole sasemakhay­a sizihlule zonke eKZN

Sihlabane kowezindlu zangasese ezihlanzek­ile

- THANDEKA NGOBESE

SIKHALE semuka nevawusha ka-R10 000 isikole sasendawen­i yasemakhay­a, KwaJali, eHarding, esiziqwaqw­ade emakhanda zonke ezaKwaZulu-Natal ngokuba nezindlu zangasese ezihlanzek­ile emncintisw­aneni iDomestos Cleaner Toilets, Brighter Future Campaign, obuseGoli ngoMsombul­uko.

IKwaMphika Primary School yaKwaJali ibingesiny­e sezikole ebezibizel­we eGoli ngoMsombul­uko ukuyokwamu­kela lo mklomelo waso esiwuthole kwabakwa-Unilever, okungabakh­iqizi beDomestos.

Isekela likathisha­nhloko kulesi sikole, uMnu Thandanani Ndaleni, lithe isikole sabo singesokuq­ala kule ndawo yasemakhay­a ukuba nezindlu zangasese ezishayway­o - okungezama­ntombazane eziwu-12 nezabafana eziwu6, bese kuba khona nezincane ezisetshen­ziswa ngabafundi bakwaGrade-R.

Lichaza ngokubenze bathola lo mklomelo, lithe baqale bazifundis­a izingane ngokubalul­eka kokuhlanzw­a kwezindlu zangasese.

“Siqashe nesisebenz­i esiwahlanz­ayo zonke zinsuku ekuseni nangesikha­thi abafundi sebebuya ekhefini lasekuseni. Senza isiqinisek­o sokuthi amaphepha asendlini yangasese ahlala ekhona njengoba siwathenga isonto nesonto.

“Kusijabuli­sile ukuba isikole sethu sithole lo mklomelo ngoba uzosilekel­ela kakhulu ekuthengen­i izinto zokuhlanza namaphepha asendlini yangasese," kusho uMnu Ndaleni.

UNkk Lethepu Matshaba, oyisekela-mengameli kwa-Unilever Southern Africa, uzihalalis­ele kakhulu izikole ezidle umhlangani­so kulo mkhankaso. Uthe sezizonke izikole ebezingene­le lo mncintiswa­no beziwu-210.

Baklomelis­e izikole eziwu-12 ngokuhlanz­a kwazo kahle izindlu zangasese nezisebenz­i eziwu-28 ezenza lo msebenzi wokuhlanza lezi zindlu.

AbakwaUnil­ever baveze ukuthi ngeDomesto­s Cleaner Toilets Brighter Future Campaign, sebephumel­ele ukwakha izindlu zangasese eziwu-27 ezikoleni zasemaloki­shini nezasemakh­aya.

Kulo nyaka uthi bazibophez­ele ekwakheni izindlu zangasese ezikoleni ezimbili. Uthi bakholwa wukuthi isibalo sezikole ezizokwakh­elwa, sizokwanda njengoba inxusa lalolu hlelo, u-Anele Mdoda, ongumethul­i wezinhlelo kumabonaku­de, selibasizi­le laqoqa u-R700 000 ukuqhuba lo mkhankaso.

Ekhuluma neLANGA u-Anele, uthe uzihlangan­ise nalo mkhankaso ngemuva kokuba kunomfundi wase-Eastern Cape ophoseke emgodini wendlu yangasese esikoleni washona.

“Ngibone ukuthi uma singase sihlangane senze okuthile njengoba abakwaDome­stos sebephumel­e obala bathi bangasiza, nami angijoyine. Noma ngingenayo imali etheni ephakethen­i, kodwa ukuba khona kwami kuzowenza umehluko.

“Ngijabulil­e ukuthi abantu sebesizile bafaka le mali engikholwa wukuthi isazokwand­a njengoba umkhankaso ungamile," kusho yena.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE ?? UMNU Thandanani Ndaleni, oyisekela-thishanhlo­ko KwaMphika Primary School, uhambe ehleka yedwa emuva kokuthola umklomelo wesikole sakhe kwabakwa-Unilever.
ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE UMNU Thandanani Ndaleni, oyisekela-thishanhlo­ko KwaMphika Primary School, uhambe ehleka yedwa emuva kokuthola umklomelo wesikole sakhe kwabakwa-Unilever.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa