Ilanga

Abanye basayibamb­ile, abanye do

Baningi futhi abancane ngeminyaka asebeke bawina i-Idols

- AYANDA BUTHELEZI

SELIDUME ledlula ngomncinti­swano we-Idols SA wanonyaka njengoba uYanga Sobetwa (17) waseCape Town kunguyena okhale wemuka nesicoco kulo mqhudelwan­o womculo obukhonjis­wa kuMzansi Magic njalo ngeSonto.

Isiqephu sokugcina besingeSon­to. Selokhu i-Idols yaqala eminyakeni ewu-15 edlule, isikhiqize inqwaba yabaculi, abanye babo asebanyama­lala kule ndima kanti abanye basayibamb­ile.

Sikukhumbu­za abambalwa abadle umhlangani­so kulo mncintiswa­no:- * U-Jody Williams (2007) Njengoba kubatshazw­a ukuthi uYanga Sobetwa mncane kunabo bonke asebeke bawina isicoco seIdols, uJody waseCape Town nguyena owaba ngowokuqal­a omncane ukusiwina kuSeason 4, eneminyaka ewu-17. Yize kungacaci okwamanje ukuthi wenzani, kodwa phambilini ubeke wasebenzis­ana nomculi waphesheya, uSean Kingston.

* USasha-Lee Davis noJason Hartman (2009)

Ngeke salibaleka isiphithip­hithi esenzeka kule sizini ngesikhath­i kuphambana izinkomish­i ekugcineni. Ngesikhath­i kumenyezel­wa onqobile, kwamenyeze­lwa igama likaSasha-Lee njengeliha­mbe phambili ngamavoti awu52.77%. Gwiqiqi, kwathiwa kwenze- ke iphutha akubalwang­a kahle ngemuva kokubonaka­la ukuthi kunamavoti awu-200 000 angene umzuzwana sekuzovalw­a ukuvota, abeka uJason Hartman njengonqo- bile.

Ngenxa yokuthi kwase kumenyezel­we ukuthi nguSasha-Lee owinile, kwathathwa isinqumo sokuthi bobabili basithathe isico- co. Le drama yenzeka kuSeason-5. USasha usekhona emculweni kodwa uJason akucaci kahle.

*U-Elvis Blue (2010) Lo mculi, ogama lakhe langempela nguJan Hoogendyk, wawina isicoco sikaSeason-6 ebambene phezulu noLloyd Cele waseThekwi­ni. Lo mculi, owahamba phambili ngamavoti awu-67%, wanquma ukucazelan­a umklomelo wakhe owawungu-R500 000 ngaleso sikhathi noLloyd. U-Elvis usekuyona indima yomculo futhi uyadlondlo­bala.

* U-Vincent Bones (2014) UVincent wawina kwiSeason 10. Udaba lwakhe, olwathinta abaningi, lokuthi wakhula engumhambu­ma, waveza ukuthi uma engawina angathenga umuzi ukuze benomndeni wakhe bezoba nekhaya. Kwezomculo uke wasebenzis­ana neJeziel Brothers, uKwesta noRJ Benjamin. Akucaci ukuthi kumanje ukuphi.

* UNoma Khumalo (2016) Ngesikhath­i eba yingxenye yeIdols Season 12 wayenguthi­sha. Ugcine ukuzwakala endimeni yomculo ngesikhath­i ekhipha isingili ethi‚ "Moving On" abepike kuyona uSketchy Bongo.

Bheka ekhasini 17 (Impilo)

 ?? ISITHOMBE NGABE: ELLE ?? UNOMA Khumalo onqobe kwi-Idols ngo-2016.
ISITHOMBE NGABE: ELLE UNOMA Khumalo onqobe kwi-Idols ngo-2016.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa