Yihlakaniphele iBlack Friday
Kulula ukuba ugcine usuphithene ikhanda ngenxa yemititilizo esuke isabalele kodwa kuhle ukuba uma uya esitolo uye sewazi ukuthi yini ebaluleke kakhulu oyidingayo, uyibhale phansi bese uqala ngokuthenga yona kuqala.
* ZIKALELE UKUTHI UZOTHENGA NGAMALINI
Noma ngabe into ishibhe kangakanani kodwa ungachithi imali kokungenasidingo. Zikalele usesekhaya ukuthi uzimisele ukusebenzisa malini uma uthenga. Ngokwenze njalo uzokonga eningi imali ongayisebenzisa kwezinye izidingo ezibalulekile uphinde usale ungalahlwa unembeza.
* SEBENZISA UBUCHWEPHESHE
Ukuthenga online kungakongela isikhathi esiningi ongasichitha kolayini ezitolo. Siyazi abaningi basakholelwa kulowo muzwa wokuminyana nokuhilizisana kubangwa i-TV yokugcina kodwa kuyicebo elihle ukuba uvele uthenge online uma kuwukuthi ungumuntu okwaziyo ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.
Ukusebenzisa ubuchwepheshe futhi kuyasiza kakhulu ukuthola ama- deal ngoba ezinye izitolo ziye ziyiqhube impelasonto yeBlack Friday ngokuba zibe neCyber Monday, okuvamise ukuthi kube yimititilizo yama- gadget.
* UNGATATAZELI
Uma usulwenzile uhlu lwezimpahla ofuna ukuzithenga, gxila kulona, ungangabazi futhi ungatatazeli. Uma uyibona esitolo leyo nto, yithathe ngokushesha ngoba uma uke wacwayiza ngeke usayithola kanti yiyona obuyidinga kakhulu.
* QALAZA NANGAKUSASA EZITOLO
Yize sinomcabango wokuthi usuku kweBlack Friday yilona olunemititilizo ecoshwa phansi kodwa imvamisa akunjalo. Kunezinye izitolo eziqhubekayo namanani aphansi ngisho lolu suku selwedlulile. Ungadikibali, vuka nangakusasa uyoqalaza ukuthi kukhona yini ongakuthola.
* YENZA UCWANINGO
Ungakhohliswa wukubona umbhalo othi impahla yehlisiwe. Kunezinye izitolo eziwenyusayo amanani ikakhulukazi ezintweni ezithandwa kakhulu ngabathengi. Kuhle nokuqhathanisa amanani ezitolo ezahlukene - lokhu ungakwenza futhi online noma usebenzise amacatalogue emikhiqizo.