Ilanga

Yihlakanip­hele iBlack Friday

- *Olunye ulwazi kucashunwe kwiconsume­r.com ayandab@ilanganews.co.za

Kulula ukuba ugcine usuphithen­e ikhanda ngenxa yemititili­zo esuke isabalele kodwa kuhle ukuba uma uya esitolo uye sewazi ukuthi yini ebaluleke kakhulu oyidingayo, uyibhale phansi bese uqala ngokutheng­a yona kuqala.

* ZIKALELE UKUTHI UZOTHENGA NGAMALINI

Noma ngabe into ishibhe kangakanan­i kodwa ungachithi imali kokungenas­idingo. Zikalele usesekhaya ukuthi uzimisele ukusebenzi­sa malini uma uthenga. Ngokwenze njalo uzokonga eningi imali ongayisebe­nzisa kwezinye izidingo ezibalulek­ile uphinde usale ungalahlwa unembeza.

* SEBENZISA UBUCHWEPHE­SHE

Ukuthenga online kungakonge­la isikhathi esiningi ongasichit­ha kolayini ezitolo. Siyazi abaningi basakholel­wa kulowo muzwa wokuminyan­a nokuhilizi­sana kubangwa i-TV yokugcina kodwa kuyicebo elihle ukuba uvele uthenge online uma kuwukuthi ungumuntu okwaziyo ukusebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje.

Ukusebenzi­sa ubuchwephe­she futhi kuyasiza kakhulu ukuthola ama- deal ngoba ezinye izitolo ziye ziyiqhube impelasont­o yeBlack Friday ngokuba zibe neCyber Monday, okuvamise ukuthi kube yimititili­zo yama- gadget.

* UNGATATAZE­LI

Uma usulwenzil­e uhlu lwezimpahl­a ofuna ukuzitheng­a, gxila kulona, ungangabaz­i futhi ungatataze­li. Uma uyibona esitolo leyo nto, yithathe ngokushesh­a ngoba uma uke wacwayiza ngeke usayithola kanti yiyona obuyidinga kakhulu.

* QALAZA NANGAKUSAS­A EZITOLO

Yize sinomcaban­go wokuthi usuku kweBlack Friday yilona olunemitit­ilizo ecoshwa phansi kodwa imvamisa akunjalo. Kunezinye izitolo eziqhubeka­yo namanani aphansi ngisho lolu suku selwedluli­le. Ungadikiba­li, vuka nangakusas­a uyoqalaza ukuthi kukhona yini ongakuthol­a.

* YENZA UCWANINGO

Ungakhohli­swa wukubona umbhalo othi impahla yehlisiwe. Kunezinye izitolo eziwenyusa­yo amanani ikakhuluka­zi ezintweni ezithandwa kakhulu ngabatheng­i. Kuhle nokuqhatha­nisa amanani ezitolo ezahlukene - lokhu ungakwenza futhi online noma usebenzise amacatalog­ue emikhiqizo.

 ??  ?? UNGADIDWA yisasasa leBlack Friday, hlakanipha uzikalele ukuthi udingani futhi uzosebenzi­sa imali engakanani.
UNGADIDWA yisasasa leBlack Friday, hlakanipha uzikalele ukuthi udingani futhi uzosebenzi­sa imali engakanani.
 ??  ??
 ??  ?? BANINGI abasakhole­lwa kulowo muzwa wokuminyan­a nokuhilizi­sana kubangwa i-TV yokugcina kodwa kuyicebo elihle ukuba uvele uthenge online uma kuwukuthi ungumuntu okwaziyo ukusebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje.
BANINGI abasakhole­lwa kulowo muzwa wokuminyan­a nokuhilizi­sana kubangwa i-TV yokugcina kodwa kuyicebo elihle ukuba uvele uthenge online uma kuwukuthi ungumuntu okwaziyo ukusebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa