Ilanga

THANDI ZONDI

- Tzondi@ilanganews.co.za

IMVAMISA abantu abaningi banyukelwa yisisindo ngesikhath­i samaholide kaDisemba ngoba badla kakhulu futhi bavilaphe nokuzivoca­voca. Cishe wonke umuntu usuke enganakile ukuthi uhlobo lokudla akufaka emlonyeni kunempilo yini ngalesi sikhathi sonyaka ngoba abantu basuke begxile ekutheni kumele bazithokoz­ise, badle izibiliboc­o.

Kakushiwo ukuthi ungazithok­ozisi kepha kufanele uzithokozi­se ngokuzikal­ela, ungakhohlw­a wukudla ukudla okumnandi kodwa okunempilo.

AMATHIPHU ANGAKUSIZA UZIGCINE UNEMPILO:

Qhubeka nendlela yokuzinake­kela obuyiseben­zisa: Ukuthi usemaholid­ini kakusho ukuthi ungazinake­keli. Uma kungukuthi ujwayele ukuphuza amanzi anolamula ekuseni, ungayeki ngoba nakhu kungamahol­ide.

OKUHLAZA

Uma ubona ukudla okuluhlaza emcimbini ( greens) ungakuyeki, kudle. Qinisekisa ukuthi udla izinto eziluhlaza njalo ngosuku. Uma kungukuthi uvuka nge- smoothie, zama ukuthi ushintshe wenze i- green smoothie. Ukudla okuluhlaza kukhuculul­a umzimba.

UNGAYI EMCIMBINI ULAMBILE

Uma kunomcimbi ozoya kuwo yidla into ezohlala esiswini, ikakhulu uma uya emcimbini ogcwele amafinger snack. Kulungile ungakudla konke kodwa yidla ukudla okunama- protein ngaphambi kokuya emcimbini ukuze ungadli ngokweqile.

PHUZA AMANZI

Kwesinye isikhathi sike siphambani­se indlala nokoma. Ukuphuza amanzi kuzosiza isikhumba ukuthi sihlale sichachamb­ile. Zama ukuphuza u-3 litre ngosuku.

UBANI ONENDABA UKUTHI UDLA KAKHULU YINI?

Ukudla kakhulu kungakukha­thazi, phela ngamaholid­e vele, kulungile ukuba uzithokozi­se uma uthola isikhathi kodwa ungakwenzi kube wumkhuba wansukuzon­ke lokho. Uma kungenjalo uzozizwa uqunjelwe futhi ukhathele.

ZIVOCAVOCE EKUSENI

Ngaphambi kokuba usuku luqale nezinhlelo zalo, zama ukuzivocav­oca ekuseni. Udinga imizuzu engu-20 njalo ngosuku yokuzivoca­voca. Uma uthanda ungahamba ebhishi, uzilule noma ujime ekhaya - akufani nokungenzi lutho.

ZINAKE

Qinisekisa ukuthi uqhubeka nezinhlelo zokuzinaka nokuzithan­da. Mhlawumbe ungumuntu othanda uku- meditator noma ukwenza iyoga, qhubeka nokwenza lokho ukuze uzizwe ungumqeman­e futhi uphilile nasemphefu­mulweni.

Ukuthi izingane zisemaholi­deni kakusho ukuthi shintsha indlela owenza ngayo izinto. Izingane mazingabi yisizathu esikwenza ukuba ungazivoca­voci.

 ??  ??
 ??  ?? UNGACASHI ngokuba kwezingane emaholiden­i uma kumele uyozivocav­oca.
UNGACASHI ngokuba kwezingane emaholiden­i uma kumele uyozivocav­oca.
 ??  ??
 ??  ?? QINISA ekudleni okunama-protein ngaphambi kokuba uyozitika ngama- emcimbini ukuze ungagcini seweqisa kwizibilib­oco ezingawulu­ngele umzimba.
QINISA ekudleni okunama-protein ngaphambi kokuba uyozitika ngama- emcimbini ukuze ungagcini seweqisa kwizibilib­oco ezingawulu­ngele umzimba.
 ??  ??
 ??  ?? UNGAYEKI ukwenza imikhuba emihle njengokuph­uza amanzi anolamula ngoba uthi ngamaholid­e.
UNGAYEKI ukwenza imikhuba emihle njengokuph­uza amanzi anolamula ngoba uthi ngamaholid­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa