Ilanga

UZOPHEKA NGEMIBUZO OSOPOLITIK­I NEZIKHULU UCHESTER MISSING

- LUCKY CAIN

KULINDELEK­E lushubise ngezindaba ezithinta ipolitiki nohulumeni uhlelo lukapopayi uChester Missing osezakhele udumo ngokubuza imibuzo eshubilile kodwa ngendlela ehlekisayo ezikhulwin­i ezahlukene kuleli. UChester Missing oyi- ventriloqu­ist uzoba nohlelo lwakhe esiteshini sikamabona­kude esizimele sezindaba i-eNCA olubizwa nge-Almost News With Chester Missing kusukela ngeSonto ngomhla ka-25 kwephezulu seligamenx­e elesikhomb­isa kusihlwa. Ngokwesita­timende lolu hlelo luzogxila ezindabeni ezisemathe­ni ngaleso sikhathi njengoba kuzophinde kumenywe nosopoliti­ki nezikhulu ukuba bayoziphen­dulela uma kunesiding­o. UConrad Koch ongumlawul­i walo popayi uzwakalise ukujabula ngalolu hlelo. Uthi okujabulis­a kakhulu ngalo wukuthi luzokhonji­swa esiteshini esihamba phambili ngokukhiqi­za izindaba ezisemathe­ni ezinohlonz­e.

“Okunye okusijabul­isayo wukuthi sizosebenz­a nethimba elinobuhla­kani ekutholeni izindaba ezisezints­ha ezifunwa ngabantu. Nemibuzo esizobe siyibuza akuyona ejwayeleki­le, ihlukile kakhulu, eminye izoshiya abantu bemangele,” kusho uKoch.

Umhleli omkhulu we-eNCA uMapi Mahlangu uthe uChester usekhombis­ile kule minyaka ukuthi udlala indima enkulu ekushintsh­eni indlela abantu ababuka ngayo ipolitiki eNingizimu Afrika.

“Okuthokozi­sayo wukuthi luza ngesikhath­i lapho leli lizwe lizoba nokhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo,” esho ephetha ngokuthi ngaphandle kwezindaba ezijulile luzophinde lube namahlaya azoshiya abantu kubuhlungu izisu.

Nemibuzo esizobe siyibuza akuyona ejwayeleki­le...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UCHESTER Missing nomlawuli wakhe uConrad Koch.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UCHESTER Missing nomlawuli wakhe uConrad Koch.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa