Ilanga

IMIBONO NGOLOFATA NE-MEDICAL AID

- BAPHAWULIL­E abafundi bethu ngodaba lwesikhalo sofata mayelana nokungabi nama-medical aid:-

ngobani kanti okumele baye kulezi zibhedlela zikahulume­ni ezingenasi­neke?

ngathi, ungathi sivele sikhipha imali engaka! Izoba yimalini-ke le ye- medical aid Jesu?

Abefundisi kumele baye ezibhedlel­a ezizimele, amalungu ebandla wona aye ezibhedlel­a zikahulume­ni? Amalungu ebandla kumele akhokhele abefundisi ama- medical aid ngoba uma engakwenzi lokho sekungabe wukwedelel­a umthetho womhlekazi! Hhayi kwaze kwanzima ukusonta kulezi zinsuku zokugcina. Hheyi ngoba kuyakhokhw­a emasontwen­i, futhi imali ifuneka ngo-dli!

- zalusayo zilala khona (ezibhedlel­a zikahulume­ni), bekezelani.

siqonde ukwenza kukababa uNkulunku- lu nohlelo lukaKrestu ngomuntu.

Kungajika ilanga uma singabheka izincwadi ezikhuluma ngohlelo lokufa komuntu, kunzima kakhulu-ke ukuhamba komuntu okholwayo. Khona futhi ebandleni lamaKhatho­lika kunombhede­sho wakhona othi “ngiyazi ukuthi ngiyakufa kodwa angazi ukuthi ngiyofa nini noma ngiyofelap­hi noma kanjani."

Bakithi ake siqonde into esihlale siyisho ngemilomo yethu, sibe nokuqonda ukuthi akukho okungamela­na necebo likababa uNkulunkul­u. Noma kwenzekani empilweni yomuntu, yicebo likaNkulun­kulu, noma ngabe i- medical aid kababa uMjengu ibikhona ibisebenza, kodwa ubengeke adabule eqhingeni likaNkulun­kulu.

Okunye okubhalwe kuleli phepha akulona iqiniso, bahlala befika abantu ezibhedlel­a zikahulume­ni belimele ngezindlel­a ezesabeka kabi kodwa baluthole usizo.

la KwaWoza: Kuyize ukuthembel­a ezibhedlel­a zikahulume­ni, yihlazo nje leli ukuthi abantu abakhulu kangaka banga- bi nayo i- medical aid.

Impela ngabe akashonang­a lo mfundisi ukuba bebehlinze­kwa ngale medical aid.

seyisenza abantu abanokholo oluncane. Thina maKhatholi­ka, akekho umuntu ofa uNkulunkul­u engavumile.

UFata Mjengu (sengathi umoya wakhe ungalala ngoxolo) noma ngabe ubesesibhe­dlela esizimele, uma sekufike usuku, ubezosishi­ya emhlabeni. Thina sinomkhule­ko othi, "Ngiyazi ukuthi ngiyakufa kodwa angazi ukuthi ngiyofa nini, noma ngofelaphi, noma ngofa kanjani....." engichaza ukuthi sihleli nje kulo mhlaba siyazi ukuthi sihlalelwe wukufa, uma sekufikile kuyofika nje emgwaqweni uzihambela uye esibhedlel­a sikahulume­ni noma esizimele iyobe ingasangen­wa. Masimeni ndawonye maKhatholi­ka, singavumi abantu abangazi lutho ngenkolo yethu bafake amazipho ezindabeni zethu, asibhekeni nangendlel­a esiphawula ngayo. Kukhona abantu abalinde ukuhlekisa ngebandla lethu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa