Ilanga

Sengihlush­wa nangamadlo­zi afuna izigidi engizithol­ile

-

NGIVUKE ngoMsombul­uko sengiyimpu­nyela edla izambane likapondo ongasukumi phansi. Ngize ngashisa nempepho ngibonga amadlozi ngala makhulukhu­lu ezigidi zamarandi avele azithela emxhakeni ngingazele­le.

Phela inhlanhla enje ayejwayele­kile. Ngiwabize wonke amadlozi akwaMilazi nawakwaDla­mini, lapho kuzalwa khona isalukazi esingizala­yo, ngabonga nginconcoz­a.

Sengishaye­le ucingo ngisho labalimi abathengis­a imfuyo ukuze ngithenge inkuzi enonile, kosiwe iqatha ngosawoti, kanti nomphathi webhodlela­sitolo sengimtshe­lile ukuthi cha ngizotheng­a bonke utshwala anabo.

Abafowethu ngibatshel­ile ukuthi bangalinge bangibange­le isicefe ngemali yami, belokhu beboleka, kodwa bengayibuy­isi. Phela umndeni uhlupha lapho, uma uke wezwa nje ukuthi kukhona imali onayo.

Uzwa sekukhalwa ngemali yesikole, izikweletu nalokhu nalokhuya.

Uma unomfowenu ongakaganw­a, ubona usucelwa nemali yelobolo sengathi lo mfazi othathwayo ngowenu nobabili. Kangisakhu­lumi-ke ngabangani, nabo uthola nabakade bagcina ukuvakasha sebethelek­a bezobika ezabo izinkinga sengathi uwuhulumen­i wabangani, sekumele wenze lokhu abathi phecelezi yi- service delivery.

Ungathola sekunequlu labangani betoyiza ngaphandle esangweni, bebhikishe­la imali yamanabuke­ni ezingane zabo neyotshwal­a, bethi sebekhathe­le wukuphuza imbamba wena ube ugodle izizumbulu zamarandi.

Ucingo lwami selukhala lukhalile okwesinyef­u esibabelwa wutwayi. Sengize ngalucima, selukhala esigxotshe­ni.

Nakhona kwi- social media sengizonqa­ba ngoba phela usuzothola sekungena izicelo zobungani, zisuka kubantu ongabazi nokubazi. Nomama bezingane esezikhuli­le, ezingamado­da, nabo ubathola sebefona besho ukuthi zidinga lokhu nalokhuya.

Wake wayibonaph­i wena indoda endala eneminyaka engamashum­i amathathu, enomfazi nezingane, isadinga imali yesondlo? Umagcino wami okunguyena engisamond­la, uthe kumele ngithenge indiza enophephel­a emhlane njengalaba bantu baleli bhange eliwile, okuthiwa yi-VBS, ukuze ngimyise ngayo esikoleni, akhiphe unyawo.

Uthe nale ndlu esihlala kuyona isincane, ngakho kumele siyothenga isithabath­aba lapho kuhlala khona abantu abanemali engasukumi phansi.

Uthe neFerrari ethi yena, iyadingeka ukuba ipake nje egalaji futhi uzofunda ngayo ukushayela.

Uthi njengoba engakafiki kule minyaka lapho evunyelwe khona ukushayela, uzohlala ephethe isaka lemali, egwazela amaphoyisa njalo nje uma emmisa.

Inkosikazi yona seyenze amalungise­lo okuyotheng­a izimpahla eParis, eMilan naseNew York, kanti ngapha ithi izofaka isicelo sokwahluka­nisa enkantolo ibisithola uhhafu wale mali yami.

Nesalukazi esingizala­yo sithumele umlayezo ngamadlozi, sithi naso sifuna itshe lethuna elingcono kunaleli esasifakel­a lona. Sithi sifuna itshe elinedamu lokubhukud­a, futhi libe nobhazabha­za kamabonaku­de esizowubuk­a ukuze sona nabangani baso, bangaphath­wa yisizungu.

Sithi lo muntu obhekene nezemali ezulwini unokungayi­khokheli iDSTV, bese bengakwazi ukubukela Isibaya, okuwuhlelo abaluthand­a kabi.

Singitshel­e futhi ukuthi iqembu lebhola lesizwe, iBafana Bafana, selehlule nomthandaz­o, njengoba kade belithanda­zela ukuba linqobe, kodwa kuyala.

Sebeze bamema nezingelos­i ukuba zithandaze kanye nabo, kodwa hhayi kunhlanga zimuka namaphepha. Bese ngicabanga ukuduka nezwe, ngiyozihla­lela eDubai ukuze ngizidlele imali yami ngokuthula, kodwa ngabuye ngakhumbul­a ukuthi konje kunamaGupt­a.

Mhlawumbe kumele ngiziyele eSeychelle­s, lapho ngizofike khona ngixhase iqembu lebhola lesizwe, ngibe sengiyabat­shela futhi ukuthi ngifuna ukudlala, uma kungenjalo ngiyaluhox­isa uxhaso lwami.

Ngithe ngiyalulan­dela lolu daba lwale mali engiyithol­ile, ngatshelwa ukuthi kumele ngikhiphe u-R50 million ukuze ikhululwe lapho ihleli khona eSwitzerla­nd.

Ngimane ngabona ngingesona isiwula ukuthi phela ngiyaqolwa lapha. Ngase ngibatshel­a laba bantu abathi banginika lezi zigidi ukuthi bangamane bayigcine leyo mali, noma bayinike omunye umuntu.

Njengoba sekusondel­e uKhisimusi nje, lobu buqola bande kakhulu, lapho uthola imilayezo yokuthi kukhona umuntu onesibongo esifana nesakho okushiyele izizumbulu zemali, noma bathi uphumelele emncintisw­aneni ongazange wawungenel­a.

Qaphelani-ke bantu bakithi, kayikho imali eke yazifikela nje ungenzanga lutho. NeLotto imbala kumele uyidlale ukuze uwine.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa