Kuyashuba kwikhomishini kaZondo
U-Gordhan ubevala ukwethula ubufakazi
IGAMA lesiZulu elithi inkohlakalo, ngesiNgisi okuthiwa “corruption”, emaNgisini libuye libe nomqondo wokubola. Yilokho-ke osekufundwe wumphakathi waseNingizimu Afrika ngaleli gama ngenxa yesimo izwe lethu elizithola likusona ngohulumeni walo ogubuzelwe yinkohlakalo esiholele ekuthini kube nekhomishini ephenya ngokuthunjwa kombuso yidlanzana labathile.
Baningi asebethule ubufakazi kule khomishini usihlalo wayo okuyijaji, uMnu Raymond Zondo, kanti kwelanamuhla sibheka kafushane obukaMnu Pravin Gordhan njengamanje ongungqongqoshe wezinkampani zikahulumeni, okuwumnyango ongafaniswa nombele ogwansile lapho inkohlakalo ebiyenzeka ibiholele ekuthini kuxha- shazwe imali yabakhokhintela. Phakathi kwalezi zinkampani yiEskom, nokuze kwadingeka ukuba itakulwe ngemali ethathwe esikhwameni sempesheni yezisebenzi zikahulumeni, yiTelkom, yiSAA, yiTransnet - okuyizona ezihamba phambili. Phakathi kwezinye izinto ezenzekile ngesikhathi sokufakaza kukaMnu Gordhan yilezi:
wumbhikisho wabalandeli beEFF ngaphandle kwalapho ikhomishini yamukela khona ubufakazi eParktown, eGoli, lapho umholi waleli qembu uMnu Julius Malema ezwakale ebiza uMnu Gordhan ngesimaku okumele sishaywe ukuze kuvele umnikazi waso ongudlayedwa kagombelakwesakhe omhlophe ( white monopoly capital).
Lawo mazwi uMnu Gordhan uwaphendule ngokuphonsela uMnu Malema inselelo yokuba awaphinde phambi kwekhomishi- ni phansi kwesifungo; Ngosuku lokugcina lokufakaza kwakhe uMnu Gordhan, kuningi akuchazile obekwenzeka ngisho nangesikhathi esengungqongqoshe wezemali, okunye kwakho okuyilokhu:
wayecindezelwa nguMnu Nazeem Howa wenkampani yakwaGupta, i-Oakbay, ukuba angenelele esinqumeni samabhange sokuvala ama-akhawunti ezinkampani zomndeni wakwaGupta, wamyalela ukuba (uHowa) aye enkantolo nakuba ayekholwa wukuthi wayengeke aphumelele;
wukweluleka ikhomishini ukuba ilandele umkhondo wemali kushaqwe nempahla yalabo abasolwa ngokweba imali yabakhokhi bentela;
maqondana nokuthi udaba lwesivumelwano senuzi sabe sesivunyiwe yini ngesikhathi ephindiselwa esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezemali, uthe kungaba ngcono babuze unobhala wekhabhinethi;
mayelana nombuzo othi kungani abe-ANC babemanqika ukuphawula ngesivumelwano senuzi, uthe kwakunokwesaba - ngokuphepha kwabo, nokwemindeni yabo, wukulahlekelwa yimisebenzi, nokufiphala kwekusasa labo ... nokunye, futhi athe makungathathwa kalula;
wenqaba ukusula esikhundleni ngoba wayekulindele ukuxoshwa futhi wayekholwa wukuthi uMnu Zuma wayefuna indawo yakhe ithathwe nguMnu Brian Molefe, okwachithwa yikomiti eliphezulu labayisithupha le-ANC;
kwakungekho ababephambene ngakho noMnu Zuma, kungase kube ukuphazamisa kwakhe (uGordhan) ezindabeni eziphathelene nezinkampani iDenel, yibhodi yeSAA nokuvalwa kwama-akhawunti akwaGupta;
basembhidlangweni wokubuyisa ekuthunjweni ( recapture) izinkampani zikahulumeni, kanti umsindo nokubambelela ezidindini kwabathile obekwenzeka kuthangi ngaphandle kwalapho ikhomishini ilalele khona ubufakazi, kuyizinkomba zokuthi kunalabo abangafuni ukuba ikhomishini ingene ijule ivumbulule okuningi;
ukuputshuka kwemibhalo yonyazi ( e-mails) yakwaGupta, kusizile ukuba ahlanganise umfanekiso ngobekwenzeka nakuba engeke agagula muntu ngagama ngoba lokho umsebenzi wekhomishini.