Ilanga

USHWI NOMTEKHALA BAZOCEBISA AMACIKO ESINTU

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

OMAKADEBON­A bakamaskan­di, uShwi noMtekhala, bazocebisa amaciko omculo wesintu asafufusa ngokubalul­eka kokuhlonip­ha umculo nokungafak­i amagama aqhathayo ezingomeni zawo.

Leli qembu elihlangan­iswe nguMandla “Shwi” Xaba noZwelendu­na “Mtekhala” Magubane, lizobe lethula ngokusemth­ethweni i-albhamu yalo entsha ethi, “Seludlulil­e” eSluma Park eSpruit, eGoli, ngoMgqibel­o, okuyilapho bezokwethu­la khona izinkulumo ukuchushis­a amaciko asevelela.

UMtekhala uthi ukuhloniph­a kwabo umculo wabo kubenza bahlale bebukeka kahle eNingizimu Afrika. Uthi uma becula bafuna kungabikho­na othunukala inxeba nozenyezay­o ngokutheng­a umsebenzi wabo.

“Namaciko asafikayo kubaluleki­le ukuba ayeke ukwenza umculo wethu uhlale waziwa ngokuthi ngowabantu abanempi.

“Lokho ayokwenza ngokuthi aqaphele into ayiculayo. Sizoluleka izinsizwa nezintombi ezisencane ukuthi ziwuhlonip­he umculo wethu, kanjalo nabo laba asebevelel­e,” kusho uMtekhala.

Uthi kulo nyaka umcimbi bawususile ehostela eBuyafuthi ngoba le ndawo kayiphephi­le, kwazise nyakenye kusuke izidubedub­e kwabakhona abaqhumisa izibhamu.

Uthi kulo nyaka baziqinisi­le ezokupheph­a ngoba umcimbi usunesasa elikhulu njengoba usuyithemb­a labaculi baseGauten­g.

“Lo mcimbi siwenzela ukujabulis­a abantu, kungenwa mahhala ngoba kasifuni kubekhona ozosala engajabuli noma engazithol­i izinkulumo ezibalulek­ile,” kusho uMtekhala.

Kule ndumezulu yomcimbi kuzobe kushiyelan­a inkundla uJaivazimn­ike, u-Ali Mgube, uKhuzani, uMthandeni, uBobo, uDlubheke, uMroza, uThokozani Langa, iMfezemnya­ma, Amageza Amahle, Abafana bakaMgqume­ni, uNjoko, uDumakahle, iNkosi yaMagcokam­a, uDulasi, Ubucwebe, uNgiga, uMabutho, uFalabo, Osolwazi, iNqanawe, iNdiya Elimhlophe nabanye kanti abaphathi behlelo uZimiphi “Zimdollar” Biyela woKhozi FM, Vusizwe Langa weJozi FM noBakhe Mchunu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IZILOMO zikamasika­ndi uShwi noMtekhala, zizoluleka amaciko.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZILOMO zikamasika­ndi uShwi noMtekhala, zizoluleka amaciko.
 ??  ?? BESIMFANEL­E isicoco seBest Dressed umculi uThembisil­e Ntaka.
BESIMFANEL­E isicoco seBest Dressed umculi uThembisil­e Ntaka.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa