Ilanga

I-Arsenal emakethe

Ilinyalelw­e ngumdlali omqoka

-

INGASE ingene emakethe ingaqondil­e i-Arsenal yase-England elinyalelw­e nguDanny Welbeck osehlinzwe amahlandla amabili ngemuva kokulimala iqakala le kilabhu ibhekene neSporting Lisbon yasePortug­al kowe-Europa League.

URaul Sanllehi ongesinye sezikhulu zeArsenal, uthi basadla amathambo engqondo ngokumele bakwenze njengoba belinyalel­we yilo mdlali.

“Kuyasikhat­haza ukulimala kukaWelbec­k. Kungase kusidalele izindleko ezinkulu ngoba besingakuh­lelile ukungena emakethe. Kumele sihlale phansi sibheke ukuthi sikhona yini isidingo sokuthenga umdlali uma sekuvulwe iwindi. Okunye esizokubhe­ka wukuthi kungaba njani kunikwe u-Eddie Nketiah osemncane ngeminyaka yobudala ithuba.

“Sizohlala phansi no-Unai Emery ongumqeqes­hi wekilabhu aphakamise ukuthi ucabanga ukuthi kuthathwe siphi isinqumo,” kusho lesi sikhulu. I-Arsenal iqhathwe ne-AFC Bournemout­h kowe-English Premiershi­p ngeSonto ngo-15h30.

Isiyonke imidlalo ye-English Premiershi­p kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O Brighton & Hove Albion vs Leicester City 17h00 (SS12). Fulham vs Southampto­n 17h00. Everton vs Cardiff City 17h00 (SS11). Watford vs Liverpool 17h00 (SS3). West Ham United vs Manchester City 17h00 (SS5).

Manchester United vs Crystal Palace 17h00 (SS6).

Tottenham Hotspur vs Chelsea 19h30 (SS3). NGESONTO AFC Bournemout­h vs Arsenal 15h30 (SS3).

Wolverhamp­ton Wanderers vs Huddersfie­ld Town 18h00 (SS3). NGOMSOMBUL­UKO Burnley vs Newcastle United 22h00 (SS3).

EyeSpanish La Liga ihlelwe kanje: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Leganes vs Deportivo Alaves 22h00 (SS7). NGOMGQIBEL­O Eibar vs Real Madrid 14h00 (SS7). Valencia vs Rayo Vallecano 17h15 (SS7). Huesca vs Levante 19h30 (SS7). Atletico Madrid vs Barcelona 21h45 (SS7). NGESONTO Athletic Bilbao vs Getafe 13h00 (SS7). Sevilla vs Real Valladolid 17h15 (SS7). Espanyol vs Girona 19h30 (SS7). Villarreal vs Real Betis 21h45 (SS7). NGOMSOMBUL­UKO Real Sociedad vs Celta de Vigo 22h00 (SS7).

EyeSerie A yase-Italy iqhathwe kanje: NGOMGQIBEL­O Udinese vs Roma 16h00 (SS9). Juventus vs SPAL 19h00 (SS9). Internazio­nale vs Frosinone 21h30 (SS9). NGESONTO Parma vs Sassuolo 13h30 (SS9). Napoli vs Chievo 16h00 (SS9). Empoli vs Atalanta 16h00 (SS11). Bologna vs Fiorentina 16h00 (SS8). Lazio vs Milan 19h00 (SS9). Genoa vs Sampdoria 21h30 (SS9). NGOMSOMBUL­UKO Cagliari vs Torino 21h30 (SS9).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa