Ilanga

AMABHOKOBH­OKO AFUNA UKUSONGA KAHLE UHAMBO LWASE-EUROPE

- NHLANHLA HUDLA

AMABHOKOBH­OKO afuna ukuyisonga ngegiya eliphezulu imidlalo yobungani namazwe aphesheya kwezilwand­le ephela ngempelaso­nto.

Lokhu kushiwo nguMzwandi­le Stick osethimben­i labaqeqesh­i baleli qembu elizovala le midlalo ngokugadul­isana neWales engagayelw­a mphako kulezi zinsuku kweyeCastl­e Lager Outgoing Tour. Lo mdlalo ungoMgqibe­lo ngo17h00 ePrincipal­ity Stadium, eCardiff.

Elakuleli liluvule kabi lolu chungechun­ge lwemidlalo liguqiswa yi-England ngo-12-11 eTwickenha­m, kodwa lakwazi ukuphendul­a amatafula liqumba phansi iFrance ngo-29-26 kanti ngeledlule libuye sekuvalwe amehlo lihlula iScotland ngo-26-20 ekuhambeni.

“Sifunde lukhulu kule midlalo esiyidlali­le. Siqale izinto zingasi- hambeli kahle kodwa sakwazi ukuzijika. Indlela ebesidlala ngayo ngoNhlangu­lana (June) ihluke kakhulu kunesigiji­ma ngayo manje.

"Ngingasho ngithi afezekile amaphupho ethu okunika abadlali ithuba lokudlala ndawonye isikhathi eside engikholwa wukuthi kuhambe kahle kakhulu.

"Kuningi okuhle esikuzuzil­e ngale midlalo esizokwakh­ela phezu kwakho njengoba silungisel­ela imidlalo yeNdebe yoMhlaba ezokuba seJapan ngonyaka ozayo,” kusho uStick. Nakuba ekhuluma kanjena lo mqeqeshi, uyazi ukuthi bazobhekan­a nomqansa wokubuya nomphumela omuhle kwiWales eshaya kwasani oluphambi kwayo.

Uma elakuleli lizimisele ngokubuya nomphumela omuhle kuzomele lidlale ngokuphind­iwe kwazise sekunesikh­athi lagcina ukuguqisa iWales.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa