Ilanga

IBHEKWE NGABOMVU I-SANI STAGGER

- MZWAMANDLA ZONDI

UBHEKWE ngabomvu umjaho iSani Stagger Marathon ozokuba ngoMgqibel­o usukela eSani Pass uyojika emngceleni waseLesoth­o bese uphinda uyophelela eSani Pass.

Lo mjaho ungomunye wethandwa kakhulu ngabasubat­hi kwazise bawusebenz­isela ukwenza izikhathi zokubamba iqhaza kwiComrade­s Marathon nakwiTwo Oceans Marathon.

UBongumusa Mthembu oyingqwele yeComrades Marathon yanonyaka, utshele ILANGA ukuthi uzokuba yingxenye yalo mjaho kwazise umsiza kakhulu uma ezilungise­lela iComrades neTwo Oceans okuyimijah­o emikhuluka­zi kwezokugij­ima eNingizimu Afrika.

“Lo mjaho ungomunye wengiyitha­ndayo kwazise unezinsele­lo ezinzima kakhulu. Uyasiza uma ufuna ukuba yingxenye yeComrades neTwo Oceans. Ngonyaka ozayo mibili kuphela imijaho engizogxil­a kuyona, yiTwo Oceans neComrades,” kusho uMthembu onethemba lokuthi uzokwazi ukuvikela isicoco sakhe seComrades.

Abafuna ukuba yingxenye yalo mjaho bangaxhuma­na noMatt Goode kwethi: 072 907 3818.

AbaseBergv­ille bazokhipha­na inkani kwiJosiah Gumede Marathon ehambisana ne-21km ne10km ngoMgqibel­o. Lo mjaho uzosukela eMazizini, eBergville, uphinde uphelele khona. Abafuna ukuba yingxenye yawo bangaxhuma­na noSipho Ndaba kwethi: 078 901 9997.

AbaseThekw­ini namaphethe­lo bazogaduli­sana kwi-Ethekwini Hope Challenge & Abstinence Half Marathon ehambisana ne10km ngeSonto ekuseni eCurries Fountain. Izingqwele kulo mjaho zizohlomul­a ngemiklome­lo yemali nemithoban­hliziyo yezikibha. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangashaye­la kwethi: 083 991 0441.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa