Ilanga

I-ASA imise isigungu esiphezulu seKZNA

Kungase kuchaphaze­leke nabasubath­i besifundaz­we

- MZWAMANDLA ZONDI

LIBUKEKA limfiliba ikusasa labasubath­i baKwaZuluN­atal ngemuva kokuba i-Athletics South Africa (ASA), eholwa ngu-Aleck Skhosana onguMengam­eli, ibhalele sonke isigungu esiphezulu sesifundaz­we izincwadi zokusimisa.

Izindaba zokuthi izomiswa iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), ziqale ukusabalal­a ngenyanga edlule ngesikhath­i kunomhlang­ano we-ASA. I-ASA yacikwa wukungalub­hadi kweKZNA kulo mhlangano. I-KZNA izidalele amazinyo abushelele­zi ngokufaka i-ASA enkantolo mayelana nomjaho waseMgungu­ndlovu.

YikwiCounc­il Meeting ye-ASA lapho kwakhalwa ngokuthi iKZNA ikhombise ukwedelela kwazise okunye okwabe kuzokhulun­ywa ngakho (kulo mhlangano) kwakuthint­a iKZNA. Ngemuva kwalo mhlangano, i-ASA yabhalela iKZNA incwadi iyinika izinsuku ezingu-30 ukuba ibeke izizathu zokuba ingamiswa.

ILANGA lithole ukuthi i-ASA ibhalele wonke amalungu eKZNA ngalinye incwadi, ewazisa ngokumiswa kwawo.

ULanga Mhlongo oyiSekela likaSello Mokoena onguMengam­eli weKZNA, ukuqinisek­isile ukuthi uyitholile incwadi emumisayo, wayamukela. Uthi ezokugijim­a kufanele ziqhubeke. Omunye othe uyitholile incwadi nguCheryl Winn onguSihlal­o weComrades Marathon Associatio­n (CMA) noSipho Mkhathini ongusihlal­o weRoad Running. Nabo bathe bazamukeli­le.

UKhulezwen­i “Khura” Buthelezi noMoses Xulu abaphethe iTrack & Field neCross Country ngokwahluk­ana, bathe bamatasa neziviviny­o zokuphela konyaka, abazibonan­ga izincwadi ezibamisay­o.

Ngemuva kokuba amalungu eKZNA ethole izincwadi zokuwamisa, kuthiwa uMokoena ubabele enkantolo eyophikisa­na nalokhu. Kuthiwa lolu daba luzongena namuhla ngoLwesine.

Leli phephandab­a lithinta uGoodman Cele oyiMenenja yeKZNA, uvumile ukuthi izincwadi bazitholil­e ngoLwesihl­anu. Uthi ngeke akwazi ukwenaba kakhulu ngalolu daba kwazise selusenkan­tolo. Uthi yinkantolo ezothatha isinqumo. Uqhube wathi isikhulu esiphezulu se-ASA, uRichard Stander, sifikile emahhovisi eKZNA ngoLwesibi­li emini. Akafunanga ukusho ukuthi lesi sikhulu besizokwen­zani.

Leli phephandab­a lithole ukuthi njengoba iKZNA lolu daba isilufake enkantalo nje, lokhu kungase kunike i-ASA ibhaxa lokumisa sonke isifundazw­e okungenza ukuba yonke imijaho imiswe okungahole­la ekutheni abagijimi besifundaz­we bangakwazi ukubamba iqhaza emijahweni eyahlukene.

UDkt Simon Dlamini oke waba yisekela likamengam­eli kwi-ASA, uthe lolu daba kufanele lusukunyel­we ngokushesh­a ngoba luzo- phazamisa izinhlelo zabagijimi namakilabh­u. Uthi kungaba yinto embi kakhulu uma kungagcina ngokuba iKZNA imiswe.

“Kunamakila­bhu amaningi anemijaho yawo okumele igijinywe nonyaka.

"Le nto izowaphaza­misa kakhulu kanti neComrades Marathon ingase ishayeke ngoba kasazi ukuthi le nto izophela nini,” kusho uDkt Dlamini.

Kuthiwa i-ASA ifuna ukufaka i-Administra­tor ewumumeli neAccounta­nt njengoba ikholelwa ekutheni kunokuphat­hwa budedengu kwemali eKZNA.

USfiso Cele we-ASA, ukuqinisek­isile ukuthi amalungu eKZNA abhalelwe izincwadi eziwamisay­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa